EzintshaKaizer Chiefs

UDa Cruz uveza okumchaza ngabadlali beChiefs 

Umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uFernando da Cruz, useveze okumqinisa idolo njengoba eqala umsebenzi wakhe kuleli qembu.

Uthi abadlali bakhe sebeqala ukuqonda nokujabulela indlela afuna iqembu lidlale ngayo ngemuva kokunqoba imidlalo emibili kulandelana.

Amakhosi aqale isizini yeBetway Premiership ngendlela emnandi ngokushaya iKruger United ngo 3-1 eMbombela Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

Amagoli kaFlavio da Silva noWandile Duba, oshaye amabili, aqinisekise ukuthi iChiefs iqala isizini ngamaphuzu amathathu.

Lokhu kulandela nokunqoba kwayo iToyota Cup ngesonto eledlule, okwenze uDa Cruz wakholwa ukuthi umsebenzi awenze ngesikhathi sokulungiselela isizini usuqala ukuthelaizithelo ezinhle.

“Uhlelo lwethu luyasebenza futhi nendlela esifuna ukudlala ngayo iyasebenza. 

“Abadlali bayayithanda le ndlela yokudlala futhi bayakujabulela ukusebenza nathi nsuku zonke,” kusho uDa Cruz.

“Ngiyethemba lokhu kuzoqhubeka, kodwa ngiyazi futhi ukuthi sesidlale imidlalo emibili kuphela. 

“Isizini isazoba yinde futhi kusekuningi okusamele sikwenze.”

UFernando daCruz uncome nabadlali abangene besuka ebhentshini, ethi basize i-Kaizer Chiefs iqhubeke nokudlala ngezinga elifanayo.

“Ngithanda ukubonga abadlali ngamaphuzu amathathu ngoba yibo abawunqobile lo mdlalo.

“Silawule umdlalo cishe imizuzu engu-30 ekuqaleni, kodwa emizuzwini engu-15 yokugcina yesiwombe sokuqala bese sisheshisa izinto ngokungadingekile.

Lokhu kugcine ngokuthi imbangi ishaye igoli,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eFrance.

Uthe i-Kaizer Chiefs iphinde yabuyela emdlalweni ngesiwombe sesibili idlala ngamandla afanayo.

“Esiwombeni sesibili siqale ngamandla afanayo futhi salawula ijubane lomdlalo. 

“Ngijabule kakhulu ngabadlali abangene besuka ebhentshini ngoba bagcine izinga lomdlalo liphezulu.

“Silawule cishe imizuzu engu-75 yomdlalo futhi lokho kuyangijabulisa. 

“Kodwa kusekuningi okusamele sikulungise futhi siqhubeke nokusebenza kanzima,” kusho uFernando Da Cruz.