
Kuvela okwenze uRulani Mokwena ahoxe kwezokuxhumana
URulani Mokwena usazoke ahoxe ezinkundleni zokuxhumana ukuze aqale isikhathi sokululama ngokomqondo nokuzindla.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-38 ubudala uthi uzosebenzisa lesi sikhathi ukuzivuselela ngokomqondo nangokomoya.
Uthi uzophinde agxile emsebenzini wakhe wokuba ngumqeqeshi wezinkunzi zaseMorocco, iWydad Athletic.
URulani Mokwena unengcindezi enkulu kwi-Wydad njengoba imiphumela ingahambi ngendlela elindelekile muva nje.
Usenqume ukuhoxa ezinkundleni zokuxhumana futhi ngeke atholakale ukuphendula nokuxoxisana nabalandeli bakhe isikhashana.
“Bengifuna ukuthatha leli thuba ukunazisa ngemicabango yami futhi nginazise ngesinqumo esibalulekile engisithathile,” ubhale kanje uMokoena ku-Instagram.
“Emasontweni ezayo, ngizoke nginyamalale ezinkundleni zokuxhumana ukuze ngiqale isikhathi sokwelulama ngokomqondo nokuzindla.
“Lokhu ngeke kugcine ngokungisiza ukuvuselela umqondo nangokomoya nje kuphela.
“Kodwa kuzongivumela ukuthi ngigxile ngenhliziyo yami yonke kuleli banga lokugcina kulo msebenzi engikuwo njengamanje.”
URulani Mokwena ube esevuma ukuthi ukuthatha leli khefu kungase kube kuhle emphefumulweni nakwinhlalakahleni yengqondo.
“Ngicela wazi ukuthi lo mlayezo uvela endaweni yokubonga nokuthobeka,” kwengeza yena.
“Ngibonga kakhulu ngothando, ukwesekwa namandla enilokhu ninginika wona.
“Isikhuthazo senu sibe umthombo wamandla engihamba nawo njengoba ngithatha lolu hambo.”
Uthi nakuba engeke azibandakanye nabalandeli bakhe, usakwazisa ukwesekwa kwabo.
“Ngibheke ngabomvu ukuxhumana nani maduze sengivuselelekile, senginamandla amasha futhi ngilungele ukwamukela izinselelo namathuba amasha.”
Yize kube nemiphumela engagculisi emidlalweni yakamuva kwi-Wydad, uRulani Mokwena uukuqedisa leli qembu endaweni yesibili.
Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi le kilabhu ibuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.
Futhi uma engakufezi lokho, uRulani Mokwena uthembisa ukushiya kwi-Wydad ngokuthanda kwakhe futhi ngaphandle kwengxabano.
