
UMngqithi akananxa noMosimane, angasebenza naye
- Intatheli yeLISENETHINI
Obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi useqede ukuqagela ngokuthi unenxa noPitso Mosimane nokuthi ngeke baphinde basebenzisane.
UMngqithi usebenze noMosimane kwiSundowns iminyaka engaphezu kweyisikhombisa ngemuva kokuqashwa njengephini lakhe.
Bendawonye, bakhe iqembu eliqinile nebelizenzela kwamanye ngaphambi kokuthi uMosimane ashiye aye kwi-Al Ahly.
Ngemuva kokuhamba kukaMosimane, uMngqithi noRulani Mokwena bathathe izintambo zokuba ngabaqeqeshi kwiSundowns.
Kusukela lapho, uMosimane usethathe imisebenzi embalwa emisha phesheya, wahlanganisa ithimba elihlukile asebenzisana nalo.
Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide muva nje, uMngqithi wabuzwa ukuthi angaphinda yini asebenze noMosimane esikhathini esizayo.
“Anginayo inkinga noPitso. Sisebenze kahle kakhulu noPitso futhi sazuza okuningi ndawonye,” kusho uMngqithi.
“Ngakho angikaze ngibe nenkinga noPitso, futhi ngimhlonipha kakhulu njengomuntu nanjengomqeqeshi.
“Anginaye umuntu enginezinkinga naye. Angizakhi izitha. Ngizama ngaso sonke isikhathi ukwenza abangani abaningi.”
