
Ziyancipha izinsuku zoququda ama-ice kwiChiefs
Intatheli yeLISENETHINI
Imibiko yakamuva iveza ukuthi esinye sezitobha sisendleleni ephumayo kwiKaizer Chiefs.
UZitha Kwinika, ongumdlali wasemuva onamava, ubonakala engekho ezinhlelweni zomqeqeshi uNasreddine Nabi njengoba elakha kabusha iqembu.
Kuze kube manje, uKwinika akakabonakali nakowodwa umdlalo kusukela kufike uNabi.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala ubekhona ebhentshini kodwa wagcina engangenanga ngesikhathi behlulwa ngo 2-0 yiPolokwane City.
Ubekhona futhi ebhentshini bedlala ngokulingana ngo 1-1 neTS Galaxy ngeSonto eMbombela Stadium.
Manje iPhakaaathi isibika ukuthi maningi amathuba okuthi uKwinika adedelwe ngabaphathi baseNaturena ngewindi likaJanuwari.
UKwinika uphinde wajoyina iChiefs ngo-2022 ngemuva kokudlala kahle kwiStellenbosch FC.
Uke waba semabhukwini eChippa United neBidvest Wits ngemuva kokushiya iChiefs ngo-2016.
“UZitha ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa kule sizini izinto azimvumi nhlobo,” kusho umthombo.
“Wenze kahle kumasizini amabili edlule kwiChiefs futhi ubeyilungu elibalulekile leqembu kodwa umqeqeshi uNabi akakaze amsebenzise.
“Kuyacaca ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi futhi angase akhululwe ngoJanuwari ngoba ngeke adlale.
“Kuze kube manje anginaso isiqiniseko sokuthi ngabe kukhona yini amaqembu asekhombise intshisekelo ngaye.
“Kodwa okucacayo wukuthi umqeqeshi uNabi ubona abanye abadlali bengcono kunaye.”
UKwinika ukwazi ukudlala emuva maphakathi nenkundla, nakwesokudla.
Umbango kulezi zindawo ubukeka ungaphezu kwamandla akhe kule sizini.
