
‘Wukuxhashazwa’ yiChiefs okufake uGaxa kwezomthetho
- Sibongiseni GUMBI
Owayengumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uSiboniso “Pa” Gaxa, usedalule ukuthi wukungaboni ngaso linye neqembu okuholele ekutheni enze iziqu zomthetho.
UGaxa, osanda kuphothula iziqu ze-LLB eWits Law School, uchaze udaba lwakhe kwiGame On yeRadio 2000 ngoLwesibili.
Uchaze ukuthi ukushiya kwakhe iChiefs kungazelelwe, okwadalwa ukungaboni ngaso linye, kwavusa intshisekelo yokufundela ubummeli.
Lo mdlali owagiijima nakwiBafana Bafana, uthe okwenzeka kuye kuMakhosi kwamgqugquzela ukuthi aziqonde kangcono izindaba zomthetho.
“Ukufunda ngomthetho kukhulule ingqondo yami,” kusho uGaxa owayengumdlali wasemuva kwiChiefs, iSuperSport United neBafana.
“Ngifunde okuningi ngenkathi ngenza i-LLB yami ngokuhlaziya emacaleni amadala.
“Ngigqugquzelekile ukuthi ngifundele umthetho ngemuva kwengxabano eyenzeka kwiKaizer Chiefs.
“Ngazizwa ngigetshengiwe kulesiya simo futhi angizange ngijabule ngohlelo lomthetho.”
UGaxa ube esechaza ukuthi ingxabano nomqeqeshi weChiefs ngaleso sikhathi, uSteve Komphela yaphela kabi wabe esededelwa ngokungafanele.
“Nganginokungaboni ngaso linye nomqeqeshi uSteve Komphela ngaleso sikhathi.
“Ngangingenelisekile ngendlela izinto ezazenziwa ngayo kwiChiefs (enkundleni).
“Angikwazanga ukuthula ngoba ngangingayithandi indlela esasihamba ngayo.
“Yilokho okwangilahlekisela ngenkontileka yami, futhi kwenza ikilabhu yaphika ukuthi ngisayine inkontileka entsha.”
UGaxa usanda kuphothula iLLB kwenye yamanyuvesi ahlonishwayo e-Afrika, iWits.
Uphinde abe neziqu zePolitical Science nezeSports Management okwenza kucace ukuthi impilo yakhe ngale kwebhola izohamba kahle.
