EzintshaOrlando Pirates

Kuvela okwenze i-Orlando Pirates ishiye uMonnapule Saleng

Ividiyo eveza i-Orlando Pirates iziqeqesha ikhombise uMonnapule Saleng eyingxenye yeqembu futhi nabadlali abadala bemamukela.

Le vidiyo isuse isiphithiphithini kubalandeli njengoba beyikhomba ukubuya komunye wezintandokazi zabo ngemuva kokunyamalala isikhathi eside.

Ukungabikho kukaMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates akuzange kuchazwe yiqembu nokwaholela ekuqageleni okuningi. 

Kodwa ubuyile ngesonto eledlule. Injabulo yaqhuma phezulu kubalandeli nokho yaba eyesikhashana.

Lokhu kungemuva kokuvela kokuthi uSaleng ushiywe ngemuva eqenjini eliye e-Algeria emdlalweni wangoLwesibili weCaf Champions League. 

Kodwa iCitizen isedalule izizathu zokuthi uJose Riveiro akhethe ukungahambi naye lo mdlali onekhono elimangalisayo. 

AmaBhakabhaka azobhekana neziqhwaga zase-Algeria, i-MC Alger emdlalweni womlenze wokuqala weChampions League eStade du 5-Juillet-1962 e-Algiers ngoLwesibili. 

Ngaphambi kokuthi akhishwe eqenjini, uMonnapule Saleng ubesephenduke umdlalo omqoka kwi-Orlando Pirates. 

Ushaye amagoli amahlanu wasiza ekwakheni elilodwa emidlalweni engu-13. 

Manje okuvela ekhempini yePirates wukuthi uSaleng akazange ahambe neqembu eliye eNyakatho ne-Afrika.

“Yize umqeqeshi (uJose Riveiro) ejabule ngokubuya kwalo mdlali wakhe oyisihlabani, akazange ambone elulungele lolu hambo oluya e-Algeria. 

“Kodwa ngingaqinisekisa ukuthi uzombona emidlalweni ezayo… Nokho ngeke adlale kowe-MC Alger ngoLwesibili,” kucashunwe ongaphakathi kwiPirates esho kanje.

Kuthiwa uRiveiro ubone kungafanele amgqilaze lo mdlali kwazise side isikhathi engadlali ekubeni lo mdlalo unengcindezi. 

Ukubuyiselwa kwakhe eqenjini bekungeke kuzwakale kahle nakwabanye abadlali abebeyibambe ishisa ngesikhathi yena engekho.