
Isitobha sePirates sithole ithuba lokuzibonakalisa
Umdlali wasemuva osemncane we-Orlando Pirates ozakhele igama kwiDDC ngesizini edlule usethole ithuba lokuyoqiniswa ukhakhayi kwiMotsepe Foundation Championship.
Lo mdlali, uMoses Mphekgoane usejoyine iHope FC ngesivumelwano sokubolekiswa isizini yonke.
UMphekgoane, oneminyaka engu-21 ubudala, ube ngomunye wabadlali ababalulekile eqenjini lePirates le-DStv Diski Challenge ngesizini edlule.
Ubengukaputeni waleli qembu ngesikhathi liqopha umlando ngokunqoba isicoco se-DStv Diski Challenge okokuqala eminyakeni engu-11.
Manje usejoyine iHope FC, edlala kuMotsepe Foundation Championship, ukuze athole ithuba lokudlala njalo ebholeni labadala.
IHope FC iqinisekise ngesitatimende ukuthi lo mdlali uzodlala kuyo ngesizini yonke.
Le kilabhu ithe ijabule ngokuthola umdlali osemncane onekhono futhi onekusasa eliqhakazile.
Ukubolekiswa kwakhe kungamnika ithuba lokukhula, athole amava futhi azakhele ulwazi olubalulekile ngaphambi kokubuyela kwi-Orlando Pirates.
“Uyisitobha esisesincane kodwa esinekhono elihle nekusasa eliqhakazile,” kusho leli qembu esitatimendeni.
“Sijabule ngokumnika ithuba lokukhulisa ibhola lakhe, azibonakalise futhi abe nesandla ohambweni lakhe.”
IHope FC iyiqale kahle isizini, yanqoba ngo 1-0 ibhekene naMaTuks ngoMgqibelo.
Iqembu liphinde laqinisekisa ukuqokwa kukaClayton Daniels njengomqeqeshi walo omusha.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou ucashe ngesithupha ngekaMaswanganyi
UMphekgoane uzobe enethemba lokusebenzisa leli thuba ukuze akhule njengomdlali futhi abuyele kwi-Orlando Pirates esengumdlali osezingeni eliphezulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
