
U-Ouaddou nempendulo edidayo ngoMaswanganyi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usechaze ukuthi kungani uTshepang Moremi no-Patrick Maswanganyi bebengekho emdlalweni weMTN8 neSekhukhune United.
Laba badlali bobabili bebengekho eqenjini lePirates elishaye iSekhukhune ngo 1-0 emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu ngoMgqibelo.
U-Ouaddou uthe uMoremi ubengekho ngenxa yokulimala okuncane akuthole emdlalweni odlule.
Uthi banqume ukumvikela ukuze angagcini eselimala kakhulu.
“UMoremi uthole ukulimala emdlalweni odlule, ngakho besifuna ukumvikela,” kusho u-Ouaddou.
Lo mqeqeshi uthe unethemba lokuthi lo mdlali uzobe esekulungele ukudlala emdlalweni olandelayo neSekhukhune.
Nokho, udaba luka-Patrick Maswanganyi lusalokhu lungacacile, futhi u-Abdeslam Ouaddou uthe akakwazi ukunikeza imininingwane ngokungabibikho kwakhe.
Uveze nokuthi lo mdlali akalimele futhi ubekhona, kodwa akazimisele ukukhuluma ngodaba angalwazi kahle.
“Ngomunye umdlali angikwazi ukusho okuningi ngodaba lwakhe. Akalimele,” kusho yena.
“Ubekulungele ukudlala kodwa angikwazi ukukhuluma ngento engingayazi kahle.”
- FUNDA NALA | IPirates ethubeni elihle kwiMTN8
Ukungabibikho kukaMaswanganyi kuzodonsa amehlo njengoba kunamahlebezi okuthi iPyramids FC yase-Egypt ifuna ukumsayina.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
