
UThalente Mbatha uveza ahlose ukukuzuza ngesizini ezayo
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates, uThalente Mbatha, ubhekene nesizini emqoka, futhi uyayazi.
UThalente Mbatha ulungiselela umkhankaso lapho ukuqina kwengqondo nokugxila kuzoba yimpahla yakhe enkulu njengoba ezibekele afisa ukukufeza ngokwakhe.
Selokhu efike kwiPirates ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, uMbatha usehehe iqembu lebhola ngekhono lakhe elingenakuphikwa.
Ukhule kakhulu ngaphansi komqeqeshi wangaphambili uJose Riveiro, osedlulele kwiziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly.
Manje, umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou nguye osethathe izintambo kwiPirates.
Nguye obehola amaBhakabhaka ohambweni olushubile lwamasonto amabili eSpain, la ebewalola efuna ukuphishekela izindebe.
IPirates ibheke ukudla zonke izindebe – kusukela kwiBetway Premiership kuya kwiCaf Champions League.
Phakathi kwezinto uThalente Mbatha azibekele zona wukuqinisa indawo yakhe eqenjini leBafana Bafana elizoya kwi-Afcon ngasekupheleni kwalo nyaka eMorocco.
“Kimina, kuzoba unyaka oobaluleke kakhulu. Ngeke kube lula,” kuvuma uMbatha.
“Kuzoba wunyaka lapho konke kungenzeka ngokuphazima kweso noma kubhede konke.
“Ngakho-ke, ngikholwa ukuthi kufanele ngiqhubeke ngigxile futhi ngisebenze kanzima.”
Uyakuqonda ukuthi umsebenzi webhola yinto esheshe iphele kanti ugcizelela ukuzinakekela ukuze “uzuze noma yini engiyifunayo.”
Ukuphuthelwa ukuqokwa emklomelweni weMidfielder of the Season ngesizini edlule kuvuselele umlilo ngaphakathi kuye wokwenyusa izinga ukuze aqokwe ngesizini ezayo.
“Kimina, kumayelana nokuqhubeka nokusebenza kanzima, futhi kwazi bani ukuthi kuzokwenzekani?
“Njengoba nazi, ngicabanga ngalokhu njengesinye isitebhisi – ngisemncane futhi ngiyakwazi ukukhombisa ithalente lami,” kusho yena.
Nokho indlela kaThalente Mbatha ngeke ibe lula. IPirates isayine abadlali abasha abangu-11.
Kubo kukhona uSihle Nduli, uSipho Mbule noMasindi Nemtajela ababanga indawo noMbatha.
Nokho uMbatha ubona lokhu njengamandla. “Sinobudlelwano obuhle nawo wonke umuntu ofikile…
“Sonke sisekhasini elilodwa ngalokho esihlose ukukuzuza ngakho sinomqhudelwano omuhle wezindawo,” kuqhuba yena.
“Kubaluleke kakhulu ukuba nabadlali abanjalo ngoba sebekujwayele ukunqoba.
“USipho Mbule, isibonelo, ubewina iligi kwiMamelodi Sundowns, ngakho uyazi ukuthi yini edingekayo…
“SinoSihle Nduli obedlalela iStellenbosch – iqembu ebelijwayele ukunqoba futhi elinikeze wonke amaqembu amathathu aphezulu umncintiswano onzima.”
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
