Ezintsha

Kuvela okusha ngekaPitso Mosimane neZamalek 

Imibiko esabalele ezwenikazi iveza ukuthi lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika usohlwini lwabangase bathathe umsebenzi wokucija leli qembu. 

IZamalek kubikwa ukuthi libheke ihlela ukuhlukana nomqeqeshi wayo wamanje uJose Peseiro.

UPeseiro unengcindezi enkulu ngemuva kokuthi iZamalek iwashiswe ijezi kwiCaf Confederation Cup. 

Leli qembu likhishwe esigabeni sokuqala somkhumulajezi yiStellenbosch FC yaseNingizimu Afrika. 

Lokho kuhlulwa kwakhe kulesi sigaba kunyuse amahlebezi okuthi ikusasa lakhe alisacacile.

IZamalek, esiwine iCaf Champions League amahlandla amahlanu, manje kuthiwa ibheka ama-CV abaqeqeshi abehlukene. 

Kuthiwa kunenqwaba yama-CV ewatholile avela kubaqeqeshi abanamagama bakwamanye amazwe. 

Phakathi kwawo kukhona nekaPitso Mosimane oseke waqeqesha i-Al Ahly neMamelodi Sundowns phambilini.

Imithombo esondelene nalesi simo ithi uPitso Mosimane nguyena obukeka ehamba phambili okwamanje. 

Nokho akukaze kube khona ukuxhumana okusemthethweni phakathi kwalo mqeqeshi nekilabhu okwamnje. 

Ngokwesizindalwazi sase-Egypt, iZahraa, yimenenja yakhe uMosimane exhumane neqembu ilazisa ukuthi engavela uma limdinga.

“Azikho izingxoxo okwamanje,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiZahraa. “Yimenenja yakhe nje esathumele okuthile eqenjini.”

UMosimane ungomunye wabaqeqeshi abanempumelelo enkulu ebholeni lase-Afrika. 

Unqobe iCaf Champions League amahlandla amabili ne-Al Ahly nelilodwa neMamelodi Sundowns. 

Waziwa ngokwakha amaqembu alwayo nakwazi ukuzuza imiphumela ngokushesha.

UJose Peseiro usayine isivumelwano sezinyanga ezingu-18 neZamalek ngoFebhuwari 2025. 

Njengamanje leli qembu lisendaweni yesithathu kwi-Egypt Premier League, okuyinto engabahlezi kahle abaphathi. 

Futhi ingcindezi iyanda kulandela ukwehluleka kweqembu kwiConfederaton Cup Abalandeli beZamalek bafuna ushintsho. 

Ibhodi licubungula ama-CV. Yize igama likaMosimane likhona kulawo okuthiwa kucatshangelwa kuwo, akukho mnyakazo osemthethweni owenziwe okwamanje.

Okwamanje, uPeseiro usaphethe. Kodwa ikusasa lakhe lilengela eweni futhi angakhonjwa indlela noma nini. 

Amehlo asesinyathelweni esilandelayo seZamalek — nokuthi ngabe izofongqa isigqoko icele uPitso Mosimane azoyitakula.