EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs iyasifuna eseligi, kodwa hhayi manje

Iphini lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, uthi inhloso yabo wukulwela isicoco seligi.

Kodwa hhayi manje, lokho kusezinhlelweni zeminyakeni emibili kuya kwemithathu.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo weNedbank Cup neFree Agents FC, lo mqeqeshi ukugqamisile ukubaluleka kokunqoba lo mqhudelwano.

Le ndebe ihlinzeka ngomzila oya kwiCaf Confederation Cup, isiteji iChiefs efuna ukubuyela kuso.

“Umsebenzi wethu ukwakha iqembu elizokwazi ukulwela iligi eminyakeni emibili noma emithathu ezayo,” kusho uBen Youssef.

“Sifuna ukubuyisela iChiefs e-Afrika, iqhudelane kowamanqamu noma owandulela owamanqamu kweyeCaf njengakudala.”

Ukuze ingene kweyeCaf, iChiefs kumele iqede emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi, noma inqobe iNedbank Cup.

“Njengeqembu elikhulu, sihlose ukuwina yonke imiqhudelwano esiyidlalayo,” kwengeza uBen Youssef.

Ukubhekana namaqembu esigaba esiphansi njengeFree Agents kuvamise ukuba nzima, ikakhulukazi kwiChiefs.

UBen Youssef ugcizelele isidingo sokulungiselela ngokomqondo emdlaleni ofana nalona.

“Abadlali kumele bagweme ukunganaki. Imidlalo yendebe inzima, ikakhulukazi uma uqhathwe namaqembu ezigaba eziphansi,” kuxwayisa uBen Youssef.

“Abadlali sibalungiselele ngokwengqondo ngoba lona ngomunye wemidlalo enzima kule sizini.”