
Ubuyela kwiPremiership uNgcobo wodumo kwiChiefs
Umdlali owazakhela igama ejoyina i-Kaizer Chiefs ngemuva kokwenza kahle kwiSwallows FC, u-Njabulo Ngcobo usebuyela esigabeni seBetway Premiership.
Lo mdlali ubedlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule njengoba ebesayinwe yiCape Town City.
Nokho leli qembu limchithile ekupheleni kwesizini, kanti lokho sekumvulele ithuba lokubuyela esigabeni esiphezulu.
Usesayine kwiSiwelele FC. Lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala usayine inkontileka yonyaka owodwa naleli qembu elizinze eBloemfontein.
“Yebo, usayinile nathi,” kusho uSeema kwabeSoccer Laduma ebuzwa ngalo mdlali obezicija nabo isikhashana.
Ngaphambi kokunikwa inkontileka, lo mdlali uqale wahlolwa yiqembu, okuthe ngemuva kwalokho kwanqunywa ukuthi asayinwe.
UNgcobo waziwa kakhulu ngokuwina umklomelo wesitobha esivelele kwiPSL ngo-2021 ngesikhathi esadlala kwiSwallows FC.
Lokho kwamenza wajoyina iKaizer Chiefs, lapho achitha khona iminyaka emithathu.
- FUNDA NALA | IChiefs ‘isivumile’ ukudedela uLilepo
Ngemuva kokushiya i-Kaizer Chiefs, u-Njabulo Ngcobo wajoyina iSekhukhune United, ngaphambi kokudlalela iCape Town City ngesizini edlule.
Ukufika kwakhe kuSiwelele kuyingxenye yemizamo yaleli qembu yokuqinisa isikwati sao ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
