EzintshaMotsepe Foundation Championship

Uzama inhlanhla kweleNFD obengukaputeni weSwallows

Owayengukaputeni weMoroka Swallows usezosayina neqembu elisha elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, iKruger United. 

Kuvela ukuthi uWandisile Letlabika oneminyaka engu-35 ubudala owake wadlala nakwiBloemfontein Celtic, ubezilolonga naleli qembu elizinze eMpumalanga muva nje. 

ULetkabika ungumdlali wasemuva oonamava futhi ubengomunye wamalungu abalulekile kwiSwallows ngaphambi kokuthi idayiswe.

Ngesikhathi iSwallows ihlanganiswa neMarumo Gallants, uLetlabika ubengomunye wabadlali abadedeliwe.

Ubengenaqembu kusukela ngoJuni nyakenye, kodwa manje kubukeka sengathi ukuthungatha kwakhe sekuzophela. 

“Ubezilolonga neKruger United kusukela emasontweni amabili edlule. 

“Ngakho-ke, ikilabhu izonquma maduze ukuthi izomsayinisa noma cha,” kusho umuntu ongaphakathi ekhempini ye-United.

IVillage Boys isivele inomunye umdlali oonamava eqenjini layo njengoba inoGeorge Maluleka. 

UMaluleka usayine naleli qembu elizinze eMpumalanga ekuqaleni kwesizini ngemuva kokukhululwa kwakhe kuMaZulu. 

IVillage Boys isendaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-23 ngemuva kwemidlalo engu-16.

Ilandela iqembu elizihola phambili kule ligi, iDurban City ngamaphuzu ayisishiyagalombili.

Isazibhekile ke ekutheni iqede okungenani endaweni ezoyifaka emidlalweni yokuhlunga.

ULetlabika ngomunye wabadlali abazofika namava afanele kuleli qembu uma egcina ngokusayinwa.