
Ibhodlele kuMaZulu, yawaphenya ibheshu iStellies
Ubuthakathaka baMaZulu FC buhlale obala ukuze bubukwe yizwe ngoLwesine ebusuku.
Leli qembu elizinze eThekwini elidlala kwiBetway Premiership lihlulwe ngo 5-0 yiStellenbosch FC ebingagayelwe mphako.
Lo mdlalo ubuseKing Zwelithini Stadium lapho imvula ibisabisa ngokuyithela, kodwa kugcine kuyimvula yamagoli eyenzekayo.
Kuqale kancane, ngamathe ezimpukane ngesikhathi uKhomotjo Lekoloane ebeka iStellies phambili ngo 1-0 esiwombeni sokuqala.
AmaZulu awazange athuke futhi abonakala engakwazi ukubuya. Kodwa izinto zibhede kakhulu ngesiwombe sesibili.
UDevon Titus ushaye elesibili igoli ngomzuzu ka-57, okwenze kwaba ngu 2-0.
Ngemuva kwemizuzu emithathu ukusuka lapho, uChumani Butsaka ushaye igoli kwaba ngu 3-0.
UTitus ube esengeza igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-66, nokube ngelesine leStellies , kwaba ngu 4-0.
Lokhu kubonakale kuwavusa AmaZulu emaqandeni, aphushela abadlali abaningi phambili.
Nokho kucacile ukuthi amanzi asevele asengene endlini, akuselula ukuwakhipha.
Ngesikhathi ehlasela ngamandla, avulekile emuva, kwathi u-Ibraheem Jebaar washaya igoli ngesikhathi behlasela ngokuzuma, kwaba ngu 5-0.
IStellies ishaya inqwaba yamagoli nje, beyibhodla njengoba nayo ithole isibhaxu esifanayo kwiCaf Confederation Cup.
Leli qembu likaSteve Barker lishaywe ngo 5-0 yiRS Berkane yaseMorocco ngempelasonto edlule.
Ukuhlulwa kushiya AmaZulu esendaweni yeshumi ngamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-14.
IStellies ikhuphukele endaweni yesikhombisa, yadlula iSuperSport United neGolden Arrows.
Leli qembu likaSteve Barker selinamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-12.
