EzintshaOrlando Pirates

Kusazomele ngikusebenzele ukuzibonakalisa kwiPirates – Ouaddou

Kodwa kunalokho ukholwa ukuthi lokhu kuyinkomba yokuthi izindlela zakhe zidinga isikhathi ukuze zigcine ziletha imiphumela emihle.

AmaBhakabhaka anqobe le ndebe okwesine kulandelana ngemuva kokuhlula iStellenbosch FC ngo 3-0 esikhathini esengeziwe eMbombela Stadium eNelspruit ngoMgqibelo.

Ukujika kwakhe amacebo okudlala esiwombeni seibili kuguqule isimo, uTshepang Moremi washaya amagoli amabili, uTshegofatso Mabasa wengeza elesithathu.

Yize ephumelele kodwa lo somaqhinga waseMorocco uthi akukho okushintshile ngendlela awenza ngayo lo msebenzi wakhe.

“Kusebenzekile namuhla, kodwa akusho ukuthi sengingumqeqeshi ongcono kunabengunguye emidlalweni emibili edlule,” kusho u-Ouaddou. 

“Angiziboni ngingcono kunoSteve Barker. Sibe nomdlalo omkhulu kakhulu — ngimhlonipha kakhulu uBarker neqembu lakhe elihle kakhulu. 

“Bayikilabhu ezinzile, enenhloso enkulu yesikhathi eside. Sijabule ngokuwina le ndebe.”

U-Ouaddou uphinde waphawula ngomthwalo owengeziwe awuthwele kuwo wonke umsebenzi wakhe webhola kusukela esangumdlali.

Uthe ngokuvamile kufanele abe “ngcono ngokuphindwe kathathu” ukuze amukelwe e-Europe njengomdlali wase-Afrika.

“Lokhu kunqoba akunginiki udumo olwengeziwe. Nsuku zonke kufanele sithuthuke, kufanele siwine imidlalo. 

“Kusukela ngineminyaka engu-15 ubudala, bekufanele ngibonise ukuthi ngifanele ukuba lapho,” kusho yena.

“Uma ufanelwe ukudlala e-Europe, udinga ukuba ngcono ngokuphindwe kathathu kunomdlali wase-Europe. 

“Manje njengomqeqeshi, kusafanele ngisebenze kanzima nsuku zonke ukufakazela ukuthi ngingakwazi ukuhola ikilabhu enkulu kangaka e-Afrika.”

Njengoba iMTN8 isisemxhakeni manje, u-Ouaddou usezobheka ukubuyisela iPirates embangweni weBetway Premiership. 

IPirates isivele isalele emuva ngamaphuzu amahlanu kwiMamelodi Sundonws esibuyele eqhulwini kwiligi – nokwaziwayo ukuthi kunzima ukuyehlisa.