EzintshaOrlando Pirates

IPirates ‘igqabula’ esinye isibabuli kwiSiwelele

Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates isezinhlelweni zokusayina omunye umdlali ophambili weSiwelele FC.

Lokhu kuza njengoba leli qembu lisaqhubeka nokuqinisa isikwati salo ngaphambi kwesizini entsha.

Lezi ziqhwaga kuvele sekuke kwabikwa ukuthi zisayine uThato Ngwato kuleli qembu laseFree State.

Manje AmaBhakabhaka kubikwa ukuthi asehlonze uGamphani Lungu njengomdlali azimisele ukuqinisa ngaye iqembu.

Futhi izingxoxo kukholakala ukuthi ziqhubeka kahle kakhulu ngemuva kwezigcawu.

Kuyaqondakala ukuthi lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala kungenzeka ukuthi usevele uhloliwe odokotela bePirates.

“Kukholakala ukuthi uzojoyina i-Orlando Pirates. Usevele uhloliwe isimo sempilo,” kusho umthombo ngokubika kweSoccer Laduma.

“Futhi ube ngowokuqala ukusayinwa ngaphambi kukaMthetheleli Mthiyane noSibangani Zulu.” 

Omunye ongaphakathi uphakamise ukuthi sekusele imicikilisho embalwa ngaphambi kokuthi kuphothulwe isivumelwano.

“Angicabangi ukuthi kukhona oseke wabhala ngakho, kodwa ngokusobala uya khona njengoba sikhuluma nje,” kusho lo mthombo.

ULungu ube nomkhankaso oqinile kwiBetway Premiership, wadlala imidlalo engu-27 futhi washaya amagoli amahlanu, wakha amabili. 

Lo mgadli unamava abalulekile njengoba esedlale imidlalo engu-15 eqenjini lesizwe langakubo eZambia, iChipolopolo.

I-Orlando Pirates noma iSiwele FC bebengakaphawuli ngokusemthethweni ngalokhu.