
Akumthusanga uLarsen ukushaya kwezakhe amathathu kwiBucs
- Sibongiseni GUMBI
IMagesi FC ithuse abaningi ishaya amagoli amathathu esiwombe sokuqala ibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weCarling Knockout ngoMgqibelo ntambama.
Kodwa umqeqeshi wayo, uClinton Larsen uthi akumthusanga lokhu ngoba vele ubenalo icebo lokuthi bazoyizuma kanjani iPirates kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium.
Empeleni nje uLarsen uvulele uzakwabo we-Orlando Pirates, uJose Riveiro elinye ikhasi, wamkhombisa ukuthi iqembu lakhe alikaqini ngendlela acabanga ngayo.
Umdlalo ugcince uphele ngo 3-2 njengoba iPirates iwatholile nayo amabili esiwombeni sesibili.
“Kuyenzeka ukuthi unqobe imidlalo uma uneqhinga elihle, bese nabadlali belisebenzisa ngendlela efanele,” kusho uLarsen ngemuva komdlalo.
“Ngikholwa wukuthi indlela ebesizilungiselele ngayo, silungiselela lo mdlalo, bekufanele sithole amagoli.
“Bekufanele sithole amagoli kodwa lokho bekuncike ekutheni imbangi yona idlala kanjani. Icebo bekuwukubahlasela ngezikhathi ezithile.
“Ngakho akungithusanga ukuthi sishaye amagoli amathathu esiwombeni sokuqala,” kuqhuba lo mqeqeshi.
URiveiro naye uyivumile induku, washo ukuthi kukhona akucoshile okuyizifundo kulo mdlalo, ikakhulukazi ngendlela abavala ngayo emuva.
Nokho ubengekhala ngokuthi iqembu lakhe belixhugela njengoba bebaningi abadlali abawumgogodla abebengekho.
Kusesiswini la ilahleke kakhulu khona iPirates njengoba bebengekho oThalente Mbatha, Makhehleni Makhaula noMiguel Timm abavamise ukuyibamba esiswini.
