Ezintsha

Kuchazwa eyomjiva ogqokiswe uMokwena eMorocco

URulani Mokwena uphiwe isipho esikhethekile ngaphambi komdlalo weWydad Athletic ngoLwesibili ebusuku. 

IWydad idlale umqhudelwano wendebe ongekho emthethweni obizwa nge-Excellence Cup lapho ibibhekene khona ne-JSM.

I-Excellence Cup umqhudelwano omusha osungulwe yinhlangano eyengamele ibhola eMorocco ozodlalwa ngesikhathi sekhefu lamazwe ngamazwe.

Inhloso yalo mqhudelwano wukunikeza ithuba abadlali abasebancane ukuthi baveze amakhono abo. 

Emqhudelwaneni, ikilabhu ngayinye iphoqeleka ukuthi okungenani ibe nabadlali abasebasha abangu-10 esikwatini sayo sosuku lomdlalo.

Futhi abayisithupha kulaba kufanele babe seqenjini eliqala imidlalo kuyo yonke imidlalo. 

UMokwena, obeqeqesha iMamelodi Sundowns ngesizini edlule, uphiwe ingubo ebizwa nge-boubou kanti sekuvele ukuthi lesi senzo sisho ukuthini. 

Ngokwe-akhawunti ye-X yabalandeli beWydad, lena bekuyindlela yokuhlonipha lomqeqeshi okwenziwe yiqembu lasekhaya. 

“Lesi sipho simele imvunulo yendabuko evela esifundeni seqembu esibhekene nalo,” kubhala i-@WydadRedcastle. 

“Yethulwe kumqeqeshi njengokukhombisa inhlonipho nokubonga okukhulu okuvela ohlangothini lwabo.” 

ILisenethini yenze uphenyo oluncane ngalo mjiva, oluveze ukuthi ubizwa ngokuthi “i-boubou” (ubuye ubhalwe ngokuthi i”bubu”), okuyingubo yendabuko egqokwa eNorth Afrika. 

Ivame ukugqokwa ngezikhathi ezikhethekile futhi yaziwa ngemsiko wayo oyenza ibukeke samiva. 

I-boubou ngokuvamile yenziwa ngendwangu eyodwa futhi igqokwa phezu kwezinye izimpahla. 

Le enikezwe uMokwena beyihlotshiswe ngokusagolide, okuyinto evamile emijiveni yemikhosi ebalulekile.