
UHugo Broos ‘ugabhe’ abeChiefs kwiBafana
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usebashiye bonke abadlali beKaizer Chiefs abebakhethile eqenjini lakhe lokuqala.
UHugo Broos umemezele iqembu labadlali abangu-23 elizodlala imidlalo yobungani yamazwe ngamazwe neTanzania neMozambique ngoJuni.
Lo mqeqeshi ubekade efake uYusuf Maart, uMduduzi Shabalala noBruce Bvuma eqenjini lakhe lokuqala ngesonto eledlule.
Kodwa bobathathu laba badlali basale ngaphandle esikwatini sokugcina esimenyezelwe ngoLwesine ntambama.
Lesi sikwati sigcwele abadlali be-Orlando Pirates njengoba beyisishiyagalolunye abaqokiwe kuyo.
Lokhu kungenzeka kungenxa yokungabi khona kwabadlali beMamelodi Sundowns.
AbamaSandawana bayekiwe kule khempu ngenxa yokuxineka eqenjini labo elizodlala kowamanqamu weCaf Champions League bese liya kwiFifa Club World Cup.
Phakathi kwabadlali ababiziwe bePirates kubalwa izihlabani ezisencane uMbekezeli Mbokazi, uSimphiwe Selepe noMohau Nkotha.
Umdlali wasesiswini uThalente Mbatha nonozinti uSipho Chaine nabo babuyelile eqenjini lesizwe.
USamukelo Kabini, ofudukele kwi-FK Molde yaseNorway ekuqaleni kwalo nyaka, ubizwe okokuqala.
UKhulumani Ndamani weTS Galaxy naye ubuyile ngemuva kokuxazulula udaba lwephasiphoti olwamenza washiywa ekhempini yangoMashi.
Kwabaqalayo ukungena kwiBafana kukhona nonozinti weSekhukhune United uRenaldo Leaner.
Lo nozinti uhlabe umxhwele ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler esigabeni sokugcina sesizini yeBetway Premiership ka-2024/25.
Iqembu likaHugo Broos lizohlangana eGoli ngeSonto, ngaphambi kokulibangisa ePolokwane.
IBafana izobhekana neTanzania ePeter Mokaba Stadium ngoJuni 6, bes eibhekana neMozambique eLoftus Stadium ngoJuni 10.
Iqembu eliphelele leBafana Bafana lime kanje:
- Onozinti: Renaldo Leaner (Sekhukhune), Ricardo Goss (SuperSport), Sipho Chaine (Pirates)
- Abasemuva: Nyiko Mobbie (SuperSport), Samukelo Kabini (Molde FK), Thabo Moloisane, Fawaaz Basadien (Stellenbosch), Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi, Deano van Rooyen (bobathathu bePirates), Khulumani Ndamani (TS Galaxy)
- Abasesiswini: Luke Le Roux (IFK Varnamo, Sweden), Thalente Mbatha, Simphiwe Selepe (bobabili bePirates), Ndamulelo Maphangule (Polokwane)
- Phambili: Oswin Appollis (Polokwane), Patrick Maswanganyi, Relebohile Mofokeng, Mohau Nkotha (bobathathu bePirates), Ashley Cupido (Stellenbosch), Tshepang Moremi (AmaZulu), Sinoxolo Kwayiba (Chippa)
