Umqeqeshi ‘usamlwela’ uGabuza amfuna njengemali
- Alfred NGUBANE
USimo “Govuza” Dladla, ongumqeqeshi weDurban City FC, utshele iLisenethini ukuthi akalilahlile ithemba ngokusayina uThamisanqa Gabuza ongenalo iqembu njengamanje.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi uyamfuna impela uGabuza eqenjini lakhe ngoba uwuhlobo olwehlukile kwanabo njengamanje.
“Ungumgadli ohlukile impela kulaba enginabo. Ngingakujabulela ukuba naye eqenjini,” kusho uDladla.
Usihlalo weDurban City, uFarouk Kaddodia waveza ukuthi usazocabanga ngokusayina lo mgadli athi ‘akekho esimweni esifanele’.
Phela uGabuza usehlale izinyangana impela engadlali ndawo kusukela ahlukana neTS Galaxy angahlalanga isikhathi esitheni kuyo.
Waveza nokuthi imali ingase ibe yisithiyo kwazise uGabuza ngumdlali ongeke ashibhe njengoba enegama namava.
Kodwa njengoba uDladla egcizelela ukuthi uyamdinga, kungenzeka uKadodia agcine esekhuthuluza okuncane okusele ukuze amsayine.
UDladla uthe naye usayiqonda isimo seqembu ngokwemali, kodwa wakugcizelela ukuthi ukuba khona kukaGabuza kungamsiza kakhulu.
IDurban City ivule imidlalo yeMotsepe Foundation Championship ngendlela ethembisayo njengoba isayinqobe yomibili imidlalo yayo.
Yashaya iCasric Stars eChatsworth Stadium yalamanisa leyo wini ngokubuya seyilandela ngemuva ishaya iKruger United.
Kumanje inamaphuzu ayisithupha emibili esidlaliwe kwiChampionship, okuyisiqalo esincomekayo.
Okujabulisa kubalandeli baKwaZulu-Natal wukuhti ibambene phezulu kwilogi neMilford FC yaseRichards Bay.
Umehluko phakathi kwala maqembu amagoli njengoba iMilford FC ingakangenelwa goli yona kanti iDurban City isingenelwe amabili.
IDurban City iqinise ngabadlali abanamava okungoFalakhe Tshanini, uRuzaigh Gamaldien, uSanele Gaxa, noSaziso Magawana.