
Ulaxazwe ‘abangani’ uSithebe wodumo lweChiefs
Owayeyisihlabani seKaizer Chiefs, uSiyethemba Sithebe uselahlekelwe abangani abecabanga ukuthi unabo ngemuva kokuphelelwa wumsebenzi.
Umthombo osondelene nalo mdlali utshele iLisenethini ukuthi uSiyethemba Sithebe ubengumuntu onobungani.
Uthe nesandla besinganqeni ukungena ephaketheni uma enabangani bakhe ukuze bazijabulise.
“Kodwa njengoba manje engenaqembu, futhi engasakakwazi ukuchitha imali eningi njengakuqala, abangani sebenyamalele.
“Bavele banyamalala njengamazolo asekuseni uma kuphuma ilanga,” kusho umthombo.
USithebe waqala umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwiMbombela United lapho ayengumdlali onohlonze.
Wabe esesayiniswa AmaZulu FC, amnika ithuba lakhe lokuqala lokudlala kwiligi ephezulu kuleli esibizwa ngeBetway Premiership.
Kodwa ngemuva kweminyaka emithathu washiya Usuthu wajoyina iKaizer Chiefs, okuyisinqumo esashiya abaphathi baMaZulu begane unwabu.
Ukwamukelwa kwakhe kuMakhosi kwaba kukhulu futhi isasasa ngaye laliphezulu kwazise wayekhumbuza abalandeli isethenjwa sakudana uSimphiwe Tshabalala.
Kwayena uTshabalala waze wabhala kuTwitter ngoSithebe ngesikhathi ejoyina.
Wafaka isithombe sakhe eseNaturena, nesikaSithebe wabe esebhala amazwibela wathi: “Usathi uyaphuma, kanti uyangena”.
Kodwa ngemuva kwamasizini amabili kuleli qembu elizinze eNaturena, uSiyethemba Sithebe ukhululiwe.
Lokhu bekungenxa yokuthi akazange abe nomthelela owawulindelwe kuyena.
Ekuqaleni kwale sizini, ujoyine iRichards Bay kodwa nayo yamchitha ngemuva kwezinsolo zokuthi uxabane nabaqeqeshi.
Ubelokhu engenaqembu kusukela ngasekupheleni konyaka odlule, kanti umthombo uthi izinto azihambi kahle kuye.
Kodwa njengoba kuzoqala isizini entsha, kunethemba lokuthi angalithola iqembu elizimisele ukumnika elinye ithuba lokuvuselela ibhola lakhe.
“Ikhono lakhe alingabazeki, futhi kuyamangaza ukuthi kungani engakalitholi elinye iqembu namanje,” kwengeza umthombo.
“Kodwa izindaba zihamba ngokushesha ebholeni, futhi mhlawumbe amakilabhu kunezinto azaziyo ngaye thina esingazazi.”
