
Iyaqina ekaFiston Mayele ne-Orlando Pirates
Sekuvele ukuthi iyaqina indaba yokuthi umgadli wePyramids FC uFiston Mayele angase ajoyine i-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
Abamele lo mgadli eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi sebeke bahumana ngokusemthethweni nalezi zinkunzi zaseSoweto.
Lezi zindaba beziqale zingamahlebezi ngemuva kokubonakala kwabaqeqeshi nezikhulu zePirates zixoxa nalo mgadli.
Kodwa manje kuvela ukuthi sekuyinto engenzeka ngempela, njengoba imithombo esondelene nezinhlangothi zombili ithi izingxoxo seziqalile.
Lo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala odabuka eDR Congo unikelwa kwiPirates, ngokombiko weSoccer Laduma.
“Sekube khona ukuxhumana ngaye, futhi nakuba kungakavunyelwana ngalutho, kodwa izingxoxo sezikhona,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ikhempu kaMayele ifuna ukwazi ukuthi iPirates isizimisele ngampela yini ngaye.”
UFiston Mayele nguye olimaze i-Orlando Pirates eyikhipha kwiCaf Champions League ngokushaya amagoli amabili.
Lokho kudlala kahle kwakhe kubikwa ukuthi yikho okudonse amehlo alezi zinkunzi zaseSoweto, nokwenze ukuthi baqale izingxoxo zokumthola.
Njengoba imali okuthiwa angathegeka ngayo uFiston Mayele selilinganiselwa ku-R10 million, i-Orlando Pirates ingakhona ukumthenga.
Lokhu ikakhulukazi uma iqhubeka nezinhlelo zayo zokuhlela kabusha iqembu layo ngesizini ezayo.
Le ntengo yakhe kukholakala ukuthi iyafinyeleleka, okunikeza amaBhakabhaka ithuba elihle lokuthola lomgadli.
Nokho kuvela ukuthi kukhona namakilabhu aseNyakatho Afrika naseMiddle East azibhekile kuMayele.
Lokhu kuzophoqa ukuthi iPirates isheshe inyakaze noma igcine isale incela izithupha esethathwe ngamanye amaqembu.
