EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns ‘isidlala ibhola eliqagelayo’ – Dlangalala

IMamelodi Sundowns idlulele kowamanqamu weCaf Champions League ngemuva kokuhlula i-Al Ahly kowandulela owamanqamu.

Izohlangana nelinye iqembu lase-Egypt, iPyramids kowamanqamu kanti uDlangalala akayiboni iSundowns iwunqoba owamanqamu.

“Iyaqagela,” kusho uDlangalala mayelana nesitayela sokudlala seSundowns. 

Ukholwa ukuthi leli qembu laseTshwane lisishiyile isitayela salo futhi manje selidlalela imiphumela kuphela.

“Uma uqeda umdlalo ngohlu lwabadlali ebinabo enkundleni, bese ungakwazi ukushaya igoli, lokho kukhomba ukuthi uyaqagela.

“Banqobile impela. Kodwa bazokwenza isikhathi esingakanani umabedlala kanje? 

“Ngisho noma ngabe udlalela imiphumela nje kuphela, okuyinto ngokwayo eyinhlekelele ngokwezinga leSundowns.

“BabenoWilliams, uMudau, uMorena, uKekana, uLunga, uMokoena, u-Allende, uZwane, uShalulile, uRyners noSales. 

“Ubemunye kuphela odlala emuva maphakathi nendawo.

“Njengoba beya kwiFifa Club World Cup, izinqe zizohlala obala,” kwengeza uDlangalala.

ISundowns izodlala kwiClub World Cup ngoJuni, kodwa ngaphambi kwalokho inomdlalo wamanqamu obalulekile nePyramids.

“Kuzoba isimanga kimina uma iPyramids ingayinqobi le ndebe,” kuqhuba uDlangalala.

“Ezigabeni zamaqoqo, ishaye amagoli angu-14 emidlalweni eyisithupha, kwathi iSundowns yashaya amahlanu, bobabili bangenelwe amagoli amane ngamunye.

“Emidlalweni emine yokugcina, kuma-quaterfinals iPyramids ishaye amagoli amane yashaya amathathu kweyandulela owamanqamu.

“Wonke la magoli bawashaye bedlala ekhaya. Bahlulekile wukushaya igoli ekuhambeni. 

“IMamelodi Sundowns emidlalweni efanayo ishaye igoli elilodwa kuphela, ibhekene ne-Esperance ekhaya kuma-quarterfinals, nelilodwa ekuhambeni kweyandulela owamanqamu. 

“Ishaye igoli elilodwa kuphela emidlalweni emine, okuyimizuzu engu-360. Ukuthi bangene kowamanqamu kuyinhlanhla nje.”