Ezintsha

UMabasa usethole ikhaya elisha, waqeda ukuqagela 

Obengumgadli we-Orlando Pirates, u-Tshegofatso Mabasa, useqede ukuqagela ngekusasa lakhe njengoba esesayine eqenjini elisha.

Uphinde waqopha umlando ngokuba ngumdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukusayiniswa ompetha baseMorocco, iMAS Fès.

UMabasa usayine inkontileka yeminyaka emibili, enenketho yokwengezwa ngomunye unyaka.

Usayinwa nje yingoba iMAS Fès iqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwemidlalo yeCaf Champions League ka-2026/27.

Leli qembu belifuna ukumthenga nangesizini edlule, kodwa u-Tshegofatso Mabasa wanquma ukuhlala kwi-Orlando Pirates ngaleso sikhathi.

Ubehlose ukuzama ukwephula irekhodi lomshayimagoli ohamba phambili emlandweni wale kilabhu.

Lokho akuzange kwenzeke njengoba ugcine ebolekiswe kwelinye iqembu ngoba engekho ezinhlelweni zomqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou.

Manje lo mgadli uqala isigaba esisha emsebenzini wakhe eMorocco, lapho ezobe ehola khona ukuhlasela kweMAS Fès emqhudelwaneni weligi nakwiCaf Champions League.

Ngaphambi kokusayina kuleli qembu, u-Tshegofatso Mabasa ubehalelwa futhi emataniswa namaqembu amaningi okukhona kuwo neKaizer Chiefs.

Ubeke wakhonjwa nakwiPyramids FC yase-Egypt esanda kuqasha uRulani Mokwena njengomqeqeshi wayo.