EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns ayithi nsi, iyibophele eliqinile iStellies

Kuyacaca ukuthi iMamelodi Sundowns ayizimisele ukushelela, noma ukuzithola seyizisola emjahweni wesicoco seBetway Premiership.

Leli qembu elizinze ePitoli lihubha isicoco salo sesishiyagalolunye kulandelana kule sizini.

Nokho okokuqala eminyakeni engaphezu kwemihlanu lifakelwe inselelo yangempela yi-Orlando Pirates.

Kumanje iMamelodi Sundowns isendaweni yesibili njengoba seyisalelwe imidlalo eyisikhombisa iqede eyeligi kule sizini.

Kodwa-ke izinto zisavuna yona ngoba isilele ngamaphuzu amabili, kanti inemidlalo emibili esandleni.

Mhlawumbe yingakho ingazange ilixegise iqembu ezodlala ngalo neStellenbosch FC ngoLwesithathu eLoftus Stadium – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.

IStellies iza kulo mdlalo inokuzethemba okuncane kulandela ukubhuquzisa kwayi iSekhukhune United ngo 3-1 ngempelasonfo edlule. 

Nokho izofica iMamelodi Sundowns engathi nsi, futhi uJayden Adams – owayedlala kuyo iStellies – uthi bona bayakwazi okumele bakwenze. 

“Thina okwethu wukuthi siqhubeke nomgqigqo wethu,” kusho yena. “Siqhubeke nokuwina, bese sigxila kulokho esikwazi ukukwenza kangcono.” 

  • Ibophele kanje iSundowns: Williams – Mudau, Modiba, Kekana, Ndamane – Ntsabeleng, Mathews, Allende, Mokoena – Sales, Rayners

Ebhentshini: Onyango, Cupido, Mdunyelwa, Lunga, Adams, Zwane, Morena, Saleng, Leon

IStellies yona ibophele kanje: Stephens – Enyinnaya, Mdaka, Moloisane, Ndah – Mthiyane, Palace – Phili, Butsaka, Mokobodi – Titus

Ebhentshini: Masuluke, Jebaar, Stanic, Nkwali, Mabasa, Khanyi, April, Lekoloane, Cupido