
UMatlou neqembu elisha ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs
Obengumdlali wasesiswini kwi-Kaizer Chiefs, u-George Matlou, usethole ikhaya elisha kulandela ukugajwa kwakhe eNaturena.
UMatlou manje usejoyine ngokusemthethweni iStellenbosch FC ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.
Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uhlukane naMakhosi ekupheleni kukaJuni ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe, iqembu lanquma ukungayivuseleli.
ILisenethini yabika ngesonto eledlule ukuthi uMatlou usefikile eWestern Cape lapho ayeyohlolwa khona ithimba labaqeqeshi beStellenbosch eliholwa nguGavin Hunt.
IStellenbosch isikuqinisekisile ukuthi isisayinile lo mdlali ngenkontileka yesikhathi eside.
U-George Matlou ushiye i-Kaizer Chiefs ngemuva kweminyaka emine, lapho asize khona iqembu lanqoba iNedbank Cup, okuyindebe yalo yokuqala eminyakeni eyishumi.
Nokho, isizini edlule ayihambanga kahle kuye njengoba ebelimele, okwenze wahlala isikhathi eside engadlali futhi kwagcina kuholele ekuhambeni kwakhe.
Ngesikhathi eseNaturena, uMatlou udlale imidlalo engu-46 kuyo yonke imiqhudelwano.
- FUNDA NALA | IKruger ishela owase-Egypt
Ngaphambi kokufika kwi-Kaizer Chiefs, u-George Matlou wake wadlalela iSwallows FC neqembu lasePortugal, iSanjoanense.
Kulapho azibonakalisa khona, wabe eseheha amehlo ezinhloli zaMakhosi, zabe sesimlanda wayodlala eNaturena.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
