
IKruger United ishela isihlabani se-Al Ahly
Iqembu elisanda kukhushulelwa kwiBetway Premiership, i-Kruger United, liyaqhubeka nokuqinisa iqembu lalo ngaphambi kwesizini yalo yokuqala esigabeni esiphezulu.
I-Lisenethini ithole ngomthombo othembekile ukuthi leli qembu laseMpumalanga selimeme umdlali wase-Egypt, u-Ahmed Sherief Mohamed Eldesouki Elsheikh, ukuthi eze eNingizimu Afrika azohlolwa.
Incwadi ebonwe yiLisenethini iqinisekisa ukuthi i-Kruger United isiwathumele amadokhumenti adingekayo kwiNxusa laseNingizimu Afrika elizinze e-Egypt ngenhloso yokusiza lo mdlali athole ivisa.
Kule ncwadi, leli qembu licele izikhulu zenxusa ukuba zisheshe ziphothule uhlelo lokuhamba kwalo mdlali.
Liphinde laqinisekisa ukuthi zonke izinhlelo zokuhlala nokunakekelwa kwakhe sezihleliwe.
IKruger United iveze ukuthi u-Elsheikh – owaziwa ngelikaMohamed Sherif – uzohlolwa yileli qembu isikhathi esingangezinsuku ezingu-40.
Leli qembu liphinde laqinisekisa ukuthi lo mdlali uzohlala endaweni yalo yokuhlalisa eWhite River, eNelspruit, ngesikhathi sonke esahlolwa.
- FUNDA NALA | UZungu nethemba ngokuphatha iSafa
Lesi sinyathelo sikhombisa ukuthi i-Kruger United izimisele ukuqinisa isikwati sayo ngabadlali abanamava angempela njengoba ilungiselela ukuqala impilo yayo kwiBetway Premiership.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
