AmaZuluEzintsha

OwoSuthu uncoma umehluko awubone kwiChiefs

Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, useveze umbono wakhe ngeKaizer Chiefs ‘entsha’ ngaphansi kukaNasreddine Nabi. 

Lomqeqeshi odabuka eSpain utshele iLisenethini ukuthi ubona iChiefs iyingozi impela ngaphansi komqeqeshi wayo omusha.

Uthi uNabi ngathi ufike wajika indlela yokucabanga nokwenza kubadlali beChiefs, asebedlala ngomdlandla owengeziwe. 

“Uzobheka ukuthi bakwazile ukubuya kade sebelandela ngemuva ngesikhathi bedlala umdlalo wabo wokuqala neMarumo Gallants,” kusho uMartin. 

“Abadlali beKaizer Chiefs ngibone ukuthi banomgqondo ophusile manje uma ngiqhananisa nangesizini edlule.” 

Khonamanjalo umdlali wasesiswini, uBen Motshwari yena utshele iLisenethini ukuthi bayamseka kakhulu uVeli Mothwa kulesi simo abheke naso.

UMothwa ubonakala ehlelwe yifomu nokuzethemba ngendlela exakile nosekumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli.

Wenze amaphutha amabi nadlisele iqembu emdlalweni wokuqala weligi, ededela ibhola eliholele egolini lesibili lePolokwane City. 

Usuthu lugcina luhlulwa ngo 2-1 kulo mdlalo walo wokuqala kanti uMothwa wayenze esifanayo nawiBafana Bafana. 

Emdlalweni olandelayo, AmaZulu azotholana phezulu neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoSepthemba 25.