
Kuqhume idivosi kwiPirates nomdlali osekhathele yibhentshi
- Intatheli yeLISENETHINI
I-Orlando Pirates isimemezele ukushiya kukaLesedi Kapinga.
Iqembu nalo mdlali bavumelene ngokuthi asheshe akhululwe kwinkontileka yakhe.
Lesi sinqumo sithathwe kulandela umhlangano obanjwe ngoLwesibili ekuseni.
Zombili izinhlaka zihlukene ngokuthula, ngokusho kwesitatimende sePirates.
Iqembu lizwakalise ukubonga ngesikhathi uKapinga asihlale kulo, lathi liwabonile amagalelo akhe.
Esitatimendeni sayo esisemthethweni, i-Orlando Pirates ibonge uKapinga yaphinde yamfisela okuhle kodwa ngekusasa.
“I-Orlando Pirates Football Club ingakuqinisekisa ukuthi isifinyelele esivumelwaneni noLesedi Kapinga ukuthi asheshe akhululwe kwinkontileka yakhe.
“Zombili izinhlangothi zivumelene ngokuhlukana kwazo kulandela umhlangano wanamuhla,” kusho iPirates esitatimendeni.
“Egameni lomndeni wonke we-Orlando Pirates, sithanda ukubonga kuLesedi ngesikhathi sakhe ekilabhini futhi simfisela konke okuhle ngekusasa.”
UKapinga ujoyine i-Orlando Pirates kulindelwe lukhulu kuyena, esuka kwiMamelodi Sundowns la abengasitholanga khona isikhathi sokudalla.
Nokho, isikhathi sakhe ekilabhini asizange sibe nalezi zinto abezilindele, okuholele kulesi sinqumo sakamuva.
Nakuba ithalente lakhe lingenakuphikwa, ubezabalaza ukuthola isikhathi sokudlala kumaBhakabhaka.
Lesi sinyathelo sivulela uKapinga amathuba amasha, usezokhululeka ukujoyina noma yiliphi iqembu elimfunayo.
OLUNYE UDABA: UMpengesi ucacisa eyemali ayifuna kwiChiefs ngoNwabali
Njengoba eseneminyaka engu-28, uKapinga usesikhathini la kufanele abe seqenjini azodlala njalo kulo.
