EzintshaIndebe yoMhlaba

Isiphithiphithi unompempe wase-Afrika exoshwa kwiNdebe yoMhlaba

Obekufanele kube yisikhathi esiyingqophamlando ebholeni laseSomalia kuphenduke ubuhlungu obungakholakali ngemuva kokuthi omunye wonompempe abahlonishwa kakhulu e-Afrika engeke wasebenza kwi-World Cup.

Lokhu kulandela ukuthi lo nompempe evinjwe ngendlela emangalisayo ukuthi angene e-United States ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ka-2026.

U-Omar Abdulkadir Artan, ongunompempe wonyaka weCAF futhi ongowokuqala waseSomalia ukuqokelwa ukusebenza kwi-World Cup ngeke esaqhubeka nalo msebenzi.

Isizathu salokhu wukuthi uthe ume efika eMiami, iziphathimandla zase-US zamnqabela ukuthi angene kuleli zwe.

Kubikwa ukuthi u-Artan ubephethe wonke amaphepha azimfanelo, okuhlanganisa nephasipothi yezobunxusa ekhishwe ukusiza ukuthola iVisa.

I-FIFA isikuqinisekisile ukuthi lo nompempe osezingeni eliphezulu uzophuthelwa yi-World Cup yize engomunye wabangu -52 abebeqokelwe lo mqhudelwano.

“I-FIFA ingaqinisekisa ukuthi u-Omar Abdulkadir Artan ngeke akwazi ukusebenza kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

“Lokhu kungemuva kokunqatshelwa ukungena e-United States,” kusho le nhlangano eyengamele ibhola emhlabeni.

Naphezu kwalokhu, u-Artan akazange avumele lokhu kuphoxeka kumephule umoya njengoba ethembisa ukuqhubeka nokuzikhandla.

“Ngithanda ukubonga iFIFA neCAF ngokuseseka kwabo. ngizoqhubeka nokusebenza kanzima futhi ngigxile kwikusasa,” kusho yena.

ISomali Football Federation isivele ikhulume neFIFA ifuna izimpendulo eziphuthumayo ngalokhu.