Ezintsha

U-Ancelotti uyena ohola kakhulu kubaqeqeshi beNdebe yoMhlaba

Umqeqeshi weBrazil, uCarlo Ancelotti nguyena ohola imali eningi kunabo bonke abaqeqeshi abazobonakala kwi-World Cup ka-2026.

Kodwa ucwaningo olusha luveza ukuthi ukuhola imali enkulu akusho ukuthi umqeqeshi uzoletha impumelelo enkulu.

Ucwaningo olwenziwe yiGambling.com luveze umehluko omkhulu emiholweni yabaqeqeshi abangu-48 abazohola amazwe ehlukene kwi-World Cup.

U-Carlo Ancelotti uhola imali efinyelela ku-€10 million (ngaphezu kuka-R200 million) ngonyaka.

Lena yimali ephindwe izikhathi ezingu-19 kunaleyo etholwa ngumqeqeshi weScotland uSteve Clarke, ohola u-€530 000 (ngaphezu kancane kuka-R10 million) kuphela ngonyaka.

U-Carlo Ancelotti, odabuka e-Italy uhola cishe imali ephindwe kahlanu kuleyo eholwa nguLionel Scaloni, oqeqesha i-Argentina engompetha be-World Cup.  

UScaloni uhola u-€2.3 million (ngaphezu kancane kuka-R43 million) ngonyaka.

Okumangaza kakhulu wukuthi u-Ancelotti uthola imali eningi ngenyanga eyodwa kunaleyo etholwa ngumqeqeshi weBelgium uRudi Garcia ngonyaka wonke.

Naphezu kokuba i-Argentina ingenye yezintandokazi ezibhekwe ukunqoba indebe, umholo kaScaloni usephansi kunokaGustavo Alfaro weParaguay.

U-Alfaro uhola u-€2.5 million (ngaphezu kuka-R47 million) yize izwe lakhe likleliswe endaweni ka-41 emhlabeni.

Abenza kahle kodwa behola kancane

Ucwaningo luphinde lwaveza abaqeqeshi abathathwa njengabenza umsebenzi omuhle ngemali encane. 

Kubalwa uRudi Garcia, ohola u-€700 000 (ngaphezu kancane kuka-13 million) kuphela kodwa eqeqesha iBelgium ekleliswe endaweni yesishoyagalolunye emhlabeni. 

Kukhona noHajime Moriyasu weJapan noZlatko Dalic weCroatia kulaba baqeqeshi abenza kahle kodwa behola kancane.

Abayikha ngamafosholo kodwa umsebenzi dololo

Ngakolunye uhlangothi, uFabio Cannavaro we-Uzbekistan ubalwa phakathi kwabaqeqeshi abakhokhelwa kakhulu kodwa ongabonakali kahle umsebenzi wabo.

Uhola u-€4 million (ngaphezu kuka-R47 million) ngonyaka yize i-Uzbekistan ikleliswe endaweni ka-49 emhlabeni.

Lolu cwaningo lukhombisa ukuthi ebholeni lamazwe, imali enkulu ayihlali iqinisekisa impumelelo.

Amanye amazwe enza kahle ngaphansi kwabaqeqeshi abahola imali encane kakhulu.

Manje njengoba sekuvelile ukuthi u-Carlo Ancelotti nguyena ohola kakhulu kubaqeqeshi abakwi-World Cup, sekuzolindeleka ngamehlo abomvu ukuthi iBrazil yenza kanjani.