EzintshaMamelodi Sundowns

Owe-ASFAR usabisa iSundowns, uthi ngeke ibuye iphila eMorocco

Umqeqeshi we-AS FAR u-Alexandre Santos uthi umdlalo wamanqamu weCAF Champions League usekude ukuphela.

Lokhu ukusho yize ezakhe zihlulwe emlenzeni wokuqala zishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 eLoftus Stadium ngeSonto.

U-Aubrey Modiba nguye oshaye igoli, ededela elihle ishodi kade kuyibhola elibekwe phansi ngomzuzu ka-37. 

Leli goli libeke aMasandawana ethubeni elihle ngaphambi komlenze wesibili eMorocco ngempelasonto ezayo.

Nokho usuku lukaModiba luphele kabi ngemuva kokuthi ebonakale elimele – obekungathi uklunyuke umsipha – ngokuhamba kwesikhathi.

Yize ehluliwe, umqeqeshi we-ASFAR usanethemba lokuthi ezakhe zisengawujika umphumela bese ziphakamisa indebe.

“Besilindele amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa sisesiwombeni sokuqala futhi isiwombe sesibili sizoba ngempelasonto ezayo,” kusho uSantos.

“Kufanele senze okwengeziwe. Impela, sizokwenza okwengeziwe ngoba singakwazi ukukwenza lokho.”

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uvumile ukuthi iSundowns ingelinye lamaqembu aqine kakhulu ezwenikazi.

Kodwa noma kunjalo ukholwa ukuthi i-ASFAR ingakwazi ukujika izinto uma seyisekhaya.

“Bekungelula ngoba iSundowns iyiqembu elikhulu kakhulu. Iqembu eliqine kakhulu,” kuqhuba yena.

“Wonke umuntu eqenjini lethu uyazi ukuthi sinethuba elihle kakhulu ngesonto elizayo lokwenza esikufunayo.

“Sifuna amagoli ukuze sijike umphumela bese sithola indebe.” 

Umlenze wesibili uzoba sePrince Moulay Abdellah Stadium ngeSonto.