EzintshaSiwelele FC

Isimtholile umqeqeshi iSiwelele FC, u-Arendse uzoba yiphini

U-Andre Arendse, obehola iSuperSport United esigabeni sokugcina sesizini edlule, uzobuyela esikhundleni sakhe sokuba yiphini lomqeqeshi.

Izingxoxo phakathi kwazo zonke izinhlangothi ziphothulwe ngoMgqibelo, kanti uSeema umenyezelwe ngokusemthethweni ngeSonto ntambama.

“Sinokuzigqaja ngokwethula uLehlohonolo Seema njengomqeqeshi omusha weSiwelele FC,” kubhala leli qembu esitatimendeni. “Isahluko esisha sesiqalile.” 

USeema, obengumqeqeshi weSekhukhune United uzoqala ngokusemthethweni umsebenzi wakhe omusha ngoMsombuluko.

ISiwelele FC isanda kuthenga isitifiketi seSuperSport United sokudlala kwiPremierhship, kanti kusalindwe lokhu kuvunywe ngokusemthethweni yiPremier Soccer League (PSL). 

Kodwa-ke, uhlu oluputshuziwe lwemidlalo yesizini ka-2025/26 seluvele lufake lekilabhu ngaphansi kwegama layo elisha, okukhombisa iPSL isikuvumile ukudayiselana okwenzekile.

USeema ubelokhu engenaqembu selokhu ahlukana neSekhukhune ngoMashi.

Kwavela ukuthi waba nokungaboni ngaso linye nabaphathi kwiBabina Noko okuholele ekutheni axoshwe bese indawo yakhe yathathwa ngu-Eric Tinkler.

U-Andre Arendse uhole iqembu walivikisa izembe sekuvalwe amehlo ngemuva kokuthatha izintambo kuGavin Hunt ngesizini edlule.

Nguye ovule naleli qembu ngesikhathi lizoqala amalungiselelo esizini ezayo yize ikusasa lakhe belingaqinisekisiwe. 

Abadlali abaningi bashiyile kuleli qembu, U-Arendse nguye obephethe njengoba kunabadlali abazama inhlanhla kuleli qembu.

Nguye futhi obesebhentshini ngesikhathi somdlalo wobungani wakamuva weqembu. 

Manje sekuqinisekisiwe ukuthi uzoqhubeka nokusebenzela iqembu, esebenzisana noSeema.

Ukuqokwa kukaSeema kuphawula isahluko esisha kuleli qembu elizinze eFree State kodwa elizodlalela imidlalo yalo eLucas Moripe Stadium okwamanje. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO