EzintshaOrlando Pirates

Uswele owokucasha u-Ouaddou egilwa yiGallants imandisela ingcindezi

Lo mdlalo weBetway Premiership obuseDr Petrus Molemela Stadium uphele ngo 2-1 kunqoba elasekhaya. 

Nokho iPirates idlale kangconywana kulokhu. Kodwa noma kunjalo kuhlale obala ukuthi isekude ukwenzeka lento ayifisayo umqeqeshi okusha u-Abdeslam Ouaddou. 

IPirates iphinde yadliwa ngegoli eligotshiwe, yahluleka ukubhekana nalo, uJaisen Clifford walinamathisela enethini kalula nje engamakiwe. 

IGallants inqoba nje ubuye kade seyilandela ngemuva kulandela ukuthi uPatrick Maswanganyi ebeyibeke phambili ngesiwombe sokuqala. 

Nokho kuyiwe ekhefini seyilinganisile iGallants njengoba uDaniel Msendami eyibuyisele emdlalweni ngelinye igoli elibeke obala ubuthaka nePirates emuva.

Nakulo mdlalo u-Ouaddou ubeqale ngeqembu elishintshile, emuva edlalisa abadlali abasha oTshepo Mashiloane kwesokudla, noLebone Seema emuva maphakathi. 

Kubonakalile ukuthi laba badlali basemuva bayaqala ukudlala ndawonye, futhi amaphutha abawenzile alahlise ithemba. 

Bese kungumdlalo wesibili kulandela iPirates idliwa kweyeligi kanti u-Ouaddou usengene ngaphansi kwengcindezi emangalisayo.