
OwePirates ujike endleleni esebheke eMorocco
UTshegofatso Mabasa ungomunye wabadlali okuqaphelekile ukungabi khona kwakhe eqenjini le-Orlando Pirates kusukela kuqale isizini.
Lo mgadli, okunguyena ohambe phambili ngamagoli kwiPirates ngesizini edlule akakadlali – futhi ubengekho nasebhentshini – kule midlalo emithathu esidlalwe yileli qembu.
ILisenethini nokho beyike yabika ngasekuqaleni kweSonto ukuthi uMabasa naye kungenzeka avele anyamalale ngendlela efanayo noKarim Kimvuidi.
UKimvuidi usejoyine iqembu lase-Israel kanti useke wadlala ngisho ukudlala kulo yize iPirates beyingakasho lutho ngaye.
Manje sekuvele ukuthi nebala noMabasa bekunesicelo sokumthenga abesasicubungula futhi iqembu belimnikile isikhathi sokuthi athathe isinqumo ngokuthi lenze njani.
Kuvela ukuthi lesi sicelo sivela eqenjini laseMorocco iMAS Fez ecijwa nguPablo Martin oke waqeqesha AmaZulu FC kuleli.
Kuvela ukuthi uMabasa ngokwakhe ubesevumile ukuthi uzoya kuleli qembu, kodwa wabuye wajika ukucabanga ngemuva kokuxoxisana nomndeni wakhe yize imali beyiyinhle.
Umndeni ngathi yiwona oveze ukungayithandi eyokuthi ashiye kuleli aye ngaphandle.
Kuzokhumbuleka ke ukuthi lo mgadli usondelene kakhulu nomndeni wakhe, futhi izinqumo zakhe eziningi uzithathisela kuwo.
Kuthiwa yena njengamanje uselinde isicelo esivela eQatar noma eSaudi Arabia okuyilapho esefuna ukuyodlala khona uma eshiya kwiPirates.
Akhona amaqembu akulamazwe okuthiwa ake aveza intshisekelo yize kungakabi bikho okusemthethweni asevele nakho.
FUNDA NALA |Â Isiqalile ukugqilaza iDowns
Manje iMAS Fez kuthiwa seyibuye nombandela wokuthi izomdedela uma sekufika noma yiliphi iqembu laseSaudi Arabia noma eQatar lizomfuna.
Nemali okuthiwa imthembisa yona iphindwe kabili kwayihola kwiPirates, kanti sekubhekwe kuye ukuthi uzothini ngalesi sicelo sesibili.
Kuthiwa uMartin – owaziwa ngelikaCijimpi kuleli – nguye ophusha abaphathi ukuthi bamtholele lo mgadli ngoba ukholwa wukuthi uzoba wusizo olukhulu kuye.
WINA! | Zibeke ethubeni lokuwina ijezi leqembu lakho
- Alfred Ngubane
