
Isikhulu asisafuni abadlali baseZimbabwe bathuthele
UScott Sakupwanya, ongumnikazi weScottland FC yase-Zimbabwe, useveze isu elikhulu lokuguqula ibhola lakuleliya lizwe.
Lo somabhizinisi osechithe izigidi zemali esayina abadlali abafana noKhama Billiat noKnowledge Musona.
Manje uthi ufuna abadlali baseZimbabwe bayeke ukubalekela eNingizimu Afrika befuna imali engcono.
Kubikwa ukuthi uSakupwanya uthembise abadlali bakhe ibhonasi engu-US$10 000 (ecishe ibe ngu-R164 000) uma kungaphela imidlalo engu-18 bezihola phambili kwilogi.
“Abadlali kumele bakhokhelwe kahle ukuze bajabule. Bayasebenza futhi banemindeni okufanele bayondle,” kusho uSakupwanya.
Uveze ukuthi inhloso yakhe enkulu wukwenza iligi yase-Zimbabwe ihehe kakhulu ukuze abadlali bangabe besafuna ukuya eNingizimu Afrika.
“Asifuni abadlali bethu baye eNingizimu Afrika. Kumele bahlale eZimbabwe,” kusho yena.
- FUNDA NALA | IDowns ichithwe iphethe u-R12 M
Uthi futhi ufuna ukubuyisa bonke abadlali baseZimbabwe abadlala kwamanye amazwe ukuze bazodlala ekhaya.
Le nkulumo iza ngesikhathi iScottland FC iqhubeka nokusebenzisa imali enkulu ukuqinisa iqembu layo ngenhloso yokubusa ibhola lase-Zimbabwe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
