EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Ophuma enkulisa yeChiefs uvuselelela ibhola lakhe kwiBucs

Okuthatha amehlo wukuthi lesi siqalo sakhe esisha siseqenjini eliyizimbangi zokuqina zeChiefs, i-Orlando Pirates. 

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usayine neqembu lePirates elidlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng ngesizini ka-2025/26, okuyisiqalo kwesahluko esisha emsebenzini wakhe owake wathembisa lukhulu.

URorwana ubengumdlali ovelele eqenjini leKaizer Chiefs leDStv Diski Challenge (DDC) eminyakeni embalwa edlule.

Wayengumdlali ovelele futhi edlala nabadlali abafana noNjabulo Blom, Given Thibedi, Happy Mashiane, noSamkelo Zwane.

Bonke labo badlali badlulela eqenjini lokuqala. Naye uRorwana wayebukeka ezolandela lapho, futhi kwenzeka.

Kodwa ke kwabuye kwabhimba. Wagcina engakwazanga ukuthi angene eqenjini elikhulu.

Esikhundleni salokho wabe esesiswa kwiMoroka Swallows nePretoria Callies phakathi kuka-2019 no-2021 — kodwa nakhona akwangamlungela.

Ngemuva kokuhlukana neKaizer Chiefs, ujoyine iLa Masia kwiMotsepe Foundation Championship, lapho kuphinde kwavela khona ithalente lakhe. 

Kodwa-ke, ishwa limlandelile njengoba leli qembu ligcine lidliwe yizembe, kwaba wukuphela kobudlelwane bakhe nalo.

Manje, -Rorwana usenikezwe elinye ithuba lokwakha kabusha kuleli qembu eliyinkulisa ye-Orlando Pirates.

Leli qembu, ebelaziwa ngePele Pele FC phambilini, manje selisebenzisa igama lePirates kule sizini, futhi liqeqeshwa uJoseph Makhanya okhiphe abadlali abaningi asebeseqenjini elikhulu ngesikhathi ekwiDDC.

URorwana udlale umdlalo wakhe wokuqala ngempelasonto edlule, ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 2-2 neqembu lakhe lakudala, iLa Masia. 

Uma enza kahle kuleli qembu, uRorwana uzoba sethubeni lokuthi akhushulelwe kwiPirates enkulu ngesizini ezayo.