
Bazofica ulozolo lwenkundla eMabhida koweMTN8
- Alfred NGUBANE
UVusi Mazibuko, oyimenenja yeMoses Mabhida Stadium eThekwini, useveze ukuthi bakwenze konke okufanele ukuqinisekisa ukuthi yonke into isesimweni.
Le nkundla yiyo okuzobanjelwa kuyo umdlalo wamanqamu weMTN8 ophakathi kweStellenbosch FC ne-Orlando Pirates.
Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ngo-6 ebusuku kanti kulindeleke igcwale phama inkundla njengoba amathikithi edayise aphela ngokushesha.
UMazibuko uthi inkinga yotshani abake babhekana nayo kule nkundla seyixazululiwe.
“Siyilungisile inkundla phansi njengoba beyinenkinga yotshani obukade buqothukile kula masizini adlule,” kusho uMazibuko.
Uthe nezinye izinto ezihambisana nokuthi lo mdlalo ube yintokozo kubadlali kusukela befika enkundleni beze behambe sezime ngomumo.
Uphinde wanxusa abalandeli ukuthi basheshe bafike enkundleni khona kuzogwemeka isiminyaminya, esenza abanye baphuthwe wukuqala komdlalo.
Khonamanjalo, uRobert Netshiunda, okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal utshele iLisenethini ukuthi bami ngomumo ukuqinisekisa ukuphepha.
“Sesiwulungele umdlalo. Siyabaxwayisa abazophambana nomthetho ukuthi bazolala bebaliwe,” kusho yena.
