
U-Ouaddou uveza angakuthandanga iPirates ishaya iMagesi
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou ujabulile ngokungoba, kodwa usale ekhathazekile ngomusa weqembu lakhe eliwukhombise emdlalweni weCarling Knockout ngoLwesibili.
Iqembu lakhe lidlulele kowandulela owamanqamu ngemuva kokushaya iMagesi FC ngo 2-1 e-Orlando Stadium emdlalweni lapho belingase lishaye khona amagoli amaningi.
Ekhuluma ngemuva komdlalo lo mqeqeshi uvumile ukuthi kumele bayeke isihe, bashaye amagoli amaningi emidlalweni lapho bethola khona amathuba amaningi.
“Bekuwumdlalo obekufanele ngabe siye ekhefini sesihamba phambili okungenani ngamagoli amathathu noma amane,” kusho u-Ouaddou.
“Leyo yinto okufanele sithuthuke kuyo ngokushesha uma sifuna ukuvelela. Kodwa ngiyabahalalisela abafana ngoba bekungewona umdlalo olula.
“Kuhlale kunzima ukudlala nalamaqembu ngoba anomoya wokulwa. Sidlale ibhola elihle futhi abalandeli bethu balijabulele.”
U-Ouaddou nokho usale nemizwa ehlukene – ujabule ngokunqoba, kodwa wakhatahzeka ngokuthi iqembu lakhe alizange liqhubeke nokufuna amagoli uma selihamba phambili.
“Uma sifuna ukuvelela awenzi kanje. Kufanele ngivume ukuthi angizange ngijabule ngemizuzu engu-15 yokugcina,” kwengeza lo mqeqeshi waseMorocco.
“Esikhundleni sokuya phambili sifune igoli lesithathu, sidlale amaphasi amafushane. Ngiyabazi abalandeli bayakujabulela lookho, nabadlali nabo bayakuthanda.
“Kodwa mina angikuthandi nhlobo lokho. Ngifuna ukushaya amagoli amaningi. Kudingeka sibe bukhali kakhulu ngoba lokho kubaluleke kakhulu ekwakheni ukuzethemba.”
IPirates idedele igoli ngomzuzu wokugcina, kanti u-Ouaddou uthi kumele basebenzele ukuqinisekisa ukuthi abangenelwa amagoli kalula.
“Kuyinto esibheke ukuyenza ukungangenelwa goli. Besihlose ukungavumi ukudedela igoli ekhaya kodwa ngeshwa sanganaka ekugcineni.
“Kodwa ke asijabule ngalokhu kunqoba. Kodwa ngizokhuluma nabadlali ngoba angizange ngiyithande imizuzu engu-15 yokugcina.”
FUNDA NALA | Owaduma kwinkulisa yeChiefs uthole ikhaya elisha kwiPirates
IPirates isizoshintshela kwiBetway Premiership. Izohlangana neqembu elizihhola phambili mjahweni weligi iMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
Uma inganqoba kulo mdlalo, izonciphisa ibanga eliphakathi kwabo, balingane ngamaphuzu njengoba kumanje kunegebe lamaphuzu amathathu.
