Bafana BafanaEzintsha

Isicelo sikaKhanye kuHugo Broos ngoRele Mofokeng

UJunior Khanye usecelele uRelebohile Mofokeng ithuba elingcono kumqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Ngokwalenkakha esingumhlaziyi, uHugo Broos kuzomele anike uRele Mofokeng isikhathi esengeziwe sokudlala eqenjini lakhe.

Ubheke ukuthi lokhu kwenzeke uma iBafana isiphinda nePanama emdlalweni wokuzwana amandla eDHL Stadium eKapa ngoLwesibili.

Lamaqembu adlale ngokulingana, umdlalo waphela ngo 1-1 ngempelasonto edlule eThekwini. 

“Iqembu eliqale umdlalo alingigculisanga neze,” kusho uKhanye kwi-iDiski TV.

“Mina bengingeke ngiqale ngoMshishi kulandela ukuthi uRele ewine umkomelo woMdlali weNyanga. 

“Lo mfana wenza kahle, bekumele kudlaliswe yena kuNombolo 10. Ngiyazi uyamethemba uMshishi, kodwa bekumele adlalise uRele.” 

Ube esenza isibonelo ngokwashiwo ngomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo emhlabeni uCarlo Ancelotti ocija iBrazil. 

“”Ngizoboleka amazwi ka-Ancelotti awasho ngemuva komdlalo weFrance neBrazil,” kuqhuba uKhanye. 

“Bambuze ngoNeymar ngemuva kokuhlulwa. Waphendula ngokuthi yena uqala ngabadlali abasesimweni esifanele futhi abadlala njalo emaqenjini abo.

“Uthe ngeke athembele kumdlali ongekho esimweni, umdlali ozobe esephenduka inqaba yokucasha ngemuva komdlalo.

“UMshishi siyakwazi akwazi ukukwenza, kodwa akumele umqalise ngoba ngiso kwiSundowns akadlali njalo. 

“Ulahlekele amabhola amaningi emdlalweni wokuqala futhi uyambona nje ukuthi akazithembi ngokufanele.

“Lena yimidlalo yokuzilungiselela ngakho ukuthi siyawina noma siyahlulwa akusho lutho… 

“Impela imiphumela ibalulekile kodwa nokuthi udlala kanjani nakho kubalulekile.” 

Amehlo asezokuba kuHugo Broos ukubona ukuthi wenza njani ngoRele Mofokeng emdlalweni wesibili.

Amathikithi alo mdlalo wesibili adayise aphela, okusho ukuthi inkundla izobe igcwele phama.