EzintshaOrlando Pirates

UClifford Ngobeni uveza ukuthi ‘wachathelwa’ kanjani kwiBucs

U-Clifford Ngobeni, owayedlala esiswini maphakathi nenkundla wasayina kwiPirates ngoJulayi ka-2010.

Wayekade esuka kwi-Ajax Cape Town (manje osekuyiCape Town Spurs) la ayenza khona kahle kakhulu. 

Nakuzo eziMnyama wafike waqhubeka nokudlala kahle. Kodwa usola ozakwabo ngokumjikela esiswini njengotshwala. 

Ekhuluma nabePodcast, iTrap and Pass uClifford Ngobeni uthi wazithola ‘esechathelwa’ ngozakwabo engazi ubone ngathi.

Ngaleso sikhathi uyena no-Andile Jali ababeyinjini yePirates futhi ngokwakhe babenza kahle.

Nokho wagcina ezwa ngemihlangano ebanjwa esithe ngenhloso yokuchitha yena ukuze kudlale u-Oupa Manyisa endaweni yakhe.

Uthi le mihlangano yayibanjelwa endaweni yePirates yokuhlala abadlali eseBaccleuh enhla neGoli.

“Ngezwa sekuthiwa kuba nemihlangano eBuccleuch… Kule mihlangano kuthiwa, ‘asidlali kahle uma kudlala uClifford’. 

“Kwangithusa lokho. Okubuhlungu wukuthi ngizodaluli negama lomuntu ongasekho.

“UNzori (Senzo Meyiwa) angithi naye ubehlala khona laphaya (eBaccleuch). Wangitshela.

“Yena wayesondelene kakhulu nomkami, ngakho wangitshela ukuthi kunalento ekanje eyenzekayo.

“Wangitshela ukuthi, ‘abasakufuni, bafuna uphume eqenjini, bafuna kungene u-Oupa endaweni yakho’. 

“Ngangingenankinga vele ungumdlali omuhle. Kodwa kwakungamele kwenzeke ngaleya ndlela.”

Uthe wayesekubona nasenkundleni ukuthi unokudayiseka, kungaxhunywana kahle naye ngendlela efanele.

“Ngase ngikubona uma sidlala. Ngikhumbula sasibhekene ne-Ajax Cape Town eNewlands, eKapa.

“Sahlulwa ngo 3-0 kulowo mdlalo, i-Ajax yasibhubhisa. Ngikhumbula ngizama ukuyomaka, (Andile) uJali wazimela nje.

“Kwathi uma ngilaza emuva ngakuye, ngambona enza kanje (evula izandla ekhombisa abantu ukuthi akayazi le eyenzekayo).

“Ngabona lapho ukuthi hhayi, sekuphelile ngami manje,” kucacisa uNgobeni oseneminyaka engu-37 ubudala.