
‘Kuhlukana isizwe,’ kusho uKenny Niemach ngeSoweto Derby
I-Soweto Derby iyabuya kulo Mgqibelo eFNB Stadium, kanti inkakha yeKaizer Chiefs u-Kenny Niemach isiphawule ngalo mdlalo.
Ithi akuwona umdlalo webhola nje kodwa ngumcimbi omisa izwe lonke.
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates bazohlangana emdlalweni weBetway Premiership othembisa umfutho, ibhola eliphezulu nokuqopheka komlando.
I-Showmax ixoxisane nenkakha yeChiefs, u-Kenny Niemach, ngezinkumbulo zakhe ngalo mbango oshubile wezinkunzi zaseSoweto.
“Indaba iqala ngaphambi kokuqala komdlalo,” kusho uNiemach, “uyasizwa isisindo somlando. Amandla alo mdlalo.
“Ngesikhathi ungena enkundleni, ugajwa imizwa ehlukene — owenjabulo, owengcindezi, owokuziqhenya.”
KuKenny Niemach lo mdlalo uza nokujikajika kwemizwa okunzima, okudinga isibindi ukubhekana nayo.
“Udinga ukuvala yonke into. Kuyamangaza. Kufanele ungene emuzweni womdlalo ngokushesha. Lo mdlalo uyikho konke kubalandeli.
“Awukhona nje ukudlala kahle, umayelana nokuba nekhono lokujika izinto ngomzuzu owodwa.”
U-Kenny Niemach ube esekhumbula i-Soweto Derby yakhe yokuqala, athi ayisoze yalibaleka.
Ngenhlanhla, wakwazi ukushaya igoli edlala okokuqala, okumenza omunye wabadlali abambalwa ukwenza lokho.
“Ngashaya igoli ngekhanda emdlalweni wami wokuqala kwiChiefs ibhekene nePirates.
“U-Arthur Zwane wagoba ibhola, lawela kimi ngalingqofela enethini,” kuqhuba yena.
“Kwanyakaza yonke into… abalandeli abangu-100 000, futhi wawungakwazi nokuzwa uzakweni esebangeni elingamamitha amabili nje kuphela ukusuka kuwe.
“Uzwa inhlokomo, ukumemeza nengcindezi ngaleso sikhathi — umuzwa ongachazeki.”
UKenny Niemach uphinde wakhuluma ngokusuke kulindelwe kuwe uma udlalela iqembu elikhulu.
“Uma udlalela iChiefs, iPirates noma iMamelodi Sundowns, kufanele wenze kahle masonto onke.
“Abalandeli balindele imiphumela. Uma ungayilethi, uzoyizwa ingcindezi.
“Akudingeki ukuthi ulungele imizuzu engu-90, kodwa kufanele ube nomzuzu owodwa obalulekile njalo emdlalweni.”
Njengoba lezi ziqhwaga ezimbili zilungiselela ukuvovana inkani, abalandeli bangalindela izigemegeme, amagoli, nomlando omusha.
Ungaphuthelwa yi-Soweto Derby kulo Mgqibelo — umdlalo lapho kuzalwa khona izinkakha ezintsha.
Ngabe iChiefs izophakama? Noma ngabe yiPirates ezobusa? Isizwe sonke sibambe umoya.
