
Unyuselwa kwelikhulu umfanyana ochaze uNabi kwiChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umgadli oneminyaka engu-16 kungenzeka kube nguye oxazulula inkinga yamagoli kwiKaizer Chiefs.
Lokhu kuvela ngemuva kokuthi kuthiwa lo mfanyana odlala eqenjini lenkulisa leChiefs usechaze umqeqeshi uNasreddine Nabi ngendlela adlala ngayo.
Manje ngokubika kweSoccer Laduuma, uNeo Bohloko usezonikwa inkontileka yeqembu elikhulu ukuze ajime nalo ngokugcwele.
Kuthiwa ubeqale wafika ezohlolwa eqenjini elikhulu ngesizini edlule, nokuyila efike wenza into yamehlo, washiya abaqeqeshi benelisekile ngaye.
“Uzokhumbula ukuthi nyakenye uke wazicija neqembu elikhulu kodwa wabuye wabuyela kweleDDC (DStv Diski Challenge),” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ufike waqhubeka nokwenza kahle kulo. Ithimba labaqeqeshi beqembu elikhulu belilokhu limbeke iso kanti bayakuthanda abakubonayo kuye.
“Kukholakala ukuthi umqeqeshi uNabi usephakamise ukuthi anikwe inkontileka yeqembu elikhulu, bese enyuselwa kulo.
“Njengamanje sekubhekwa ukuthi leyo nkontileka kumele ibe yinde kangakanani nokunye njengoba bevele befuna ukuqinisa phambili ngoJanuwari.”
Kuthiwa okwamanje uBohloko uzoqhubeka nokudlala kwiDDC futhi abaqeqeshi bazolokhu bembeke iso.
IChiefs ivele inabo abanye abadlali abasebancane ebakhuphule besuka enkulisa kule minyaka edlule asebeqala ukuzakhela igama.
Kubona singabala uWandile Duba, Mduduzi Shabalala, Samkelo Zwane ngoMfundo Vilakazi.
