EzintshaKaizer Chiefs

ISekhukhune izoqeda umcimbi kusadanswa eNaturena?

Amakhosi nabalandeli bawo bahambela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukunqoba iNedbank Cup ngempelasonto edlule.

Le ndebe ijatshulelwe kwacaca ukuthi bazama ukukhava le minyaka engu-10 bengayazi indebe eNaturena. 

Nokho iqembu kuzomele liziqoqe, libuyele ekugxileni emidlalweni yeligi njengoba lixhugela nje kulo mjaho elikuwo wokungena kwiTop 8.

Sekuke kwenzeka kabili phambilini ukuthi iChiefs ingangeni kwiTop 8, kanti okwakamuva kube ngesizini edlule.

Uma kungaphinde kwenzeke kulokhu, kungaba yohlazo elibi futhi elinganika izimbangi zayo into ezizoyihleka ngayo. 

Njengoba izobhekana neBabina Noko, kuzomele izibambe ziqine ngempela ngoba leli qembu liak-Eric Tinkler libheke ukubuyela kwiCaf Confederation Cup.

ISekhukhune njengamanje isendaweni yesithathu kanti ifuna ukuqeda kuyo ukuze ibuyele kulo mqhudelwano wezwekazi. 

Ukuqinisekisa le ndawo yayo, kuzomele iSekhukhune ishaye Amakhosi kulo mdlalo osePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoMgqibelo ntambama. 

Nokho izobe ingaphelele njengoba umgadli wayo ohamba phambili, uChiubuke Ohizu ezobe engekho.

Lo mgadli odabuka eNigeria iumisiwe kulandela ukuthola amakhasi aphuzi amane emidlalweni edlule.

Nayo iChiefs izobe ingamile kahle, ikakhulukazi emuva njengoba u-Inacio Miguel emisiwe kulandela ukuthola ikhadi eliphuzi lesine ngempelasonto edlule. 

Omunye umdlali weChiefs ozobe engekho uBradley Cross, odlala emuva kwesokunxele, naye osamisiwe.

Yena wathola ikhadi elibomvu bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weligi emasontweni amabili edlule.