
IChiefs isoboloze ibhece kwiChippa, iphupho lisaphila
IKaizer Chiefs idlulele emzuliswannei olandelayo kwiNedbank Cup inqoba ngo 3-0 ihlula iChippa United eFNB Stadium.
Lokhu kunqoba kwenze lakhula ithemba lokuthi leli qembu lingase likugweme ukuqeda iminyaka eyishumi lingayazi indebe.
Amakhosi yiwoma abephethe umdlalo ngesiwombe sokuqala futhi athola negoli eliyibeke endaweni enhle.
UGaston Sirino ushaye igoli elihe, elenze iChiefs ihambe phambili kulo mdlalo.
IChippa izamile ukuzilwela ngesiwombe sesibili kodwa yakuthola kunzima ukubhodloza udonga lwasemuva lweChiefs.
Ngesiwombe sesibili iChiefs iphinde ishaye amagoli amabili aqinisekise ukuthi yiyo edlulela phambili.
UMiguel Inacio uvalele phakathi iphenathi, kwathi uPule Mmodi – obeyiphela endlebeni ezitobheni zeChippa – washayela isipikili sokugcina.
Amakhosi akhombise ukuzimisela nokusebenza ngokuzikhandla kulo mdlalo – uma ihlasela noma ihlaselwa.
Lokhu kunqoba kusondeza iChiefs ethubeni lokuphakamisa indebe okokuqala ngqa eminyakeni ecela kweyishumi.
INedbank Cup yithuba labo lokugcina kule sizini lokuqeda lesi somiso esibuhlungu esikhungethe leli qembu.
