Bafana BafanaEzintsha

UBroos uxakwa abagxeka uMaswanganyi wePirates

UPatrick Maswanganyi uzithole esolwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva komdlalo wakhe wokugcina kwiBafana Bafana. 

UTito, okuyigama abizwa ngalo lo mdlali uma esegila izimanga e-Orlando Stadium, wangena esuka ebhentshini iBafana ibhekene neCongo-Brazaville ngenyanga edlule. 

Wayengena ezothatha indawo kaThemba Zwane owayeselimele. Kuveleke umqeqeshi weBafana, uHugo Broos wayekushilo ukuthi ubona uMaswanganyi ezosivala isikhala sikaMshishi. 

UBroos wathi njengoba azi ukuthi isikhathi sikaZwane kuBafana asiseside ngenxa yeminyaka, ubona uMaswanganyi engasivala isikhala uma sekufike isikhathi.

Nokho emdlalweni weCongo, uMaswanganyi akabanga nomdlalo omuhle, wabe esegxekwa ke. 

Kodwa uBroos kuyamumangaza lokho ngoba yena ngokwakhe uMaswanganyi usayibambe kahle kwazise usethulwa eqenjini. 

“Angicabangi ukuthi uPatrick uselitholile ithuba elanele, ubelokhu engena isikhashana emidlalweni,” kusho uBroos ngoLwesine.

“Futhi kwakungelula emdlalweni weCongo ngoba sasivele sithwele kanzima kulowa mdlalo. 

“Kwakungelula eqenjini lilonke, ngiyacabanga kwakunzima kakhulu kumdlali oqalayo ukudlala kwiBafana futhi ezodlala indawo ebaluleke kanjenya. 

Ngakho kuye, kwakumele azame ukungena esitayeleni sethu sokudlala, azame ukwenza lokho engakucela kuye kuleya ndawo.”

Uthe uMaswanganyi usazonikwa ithuba ngendlela efanele ukuze abakhombise ukuthi engawenza yini lo msebenzi abawufuna kuye. 

“Kulungile ke, sizobona emidlalweni elandelayo bese siyacubungula,” kuqhuba uBroos ngemuva kokumemezela isikwati sakhe semidlalo elandelayo. 

“Kodwa mina ngisaqhubeka nokukholelwa kuye, ukuthi unakho lokhu esikufunayo ukuthi avale isikhala sikaThemba.

“Akakakukhombisi lokho okwamanje kwiBafana Bafana, kodwa kulungile sizobona. 

“Asibe nesineke kancane, fuhti mhlawumbe simnike izinyangana bese sisho ke ukuthi yebo uyayenza lento noma cha. Sizobona.” 

IBafana izobhekana ne-Uganda ngoNovemba 15 ekuhambeni, bese iba sekhaya seyibhekene neSouth Sudan ngoNovemba 19.

Cishe kukule midlalo lapho uTito ezonikwa ithuba lokuzibonakalisa ukuthi engakwazi yini ukuthwala iBafana njengoba kwenza uMshishi.