EzintshaKaizer Chiefs

UMiguel uyisibonelo esibi – Prof Ngubane

UMlungisi “Professor” Ngubane, usekhwele wadilika kumdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel.

Umsola ngokuthi indlela aziphatha ngayo enkundleni ikhombisa ukuthi uyazazisa, akalihloniphi ibhola lakuleli. 

UMiguel ukwisizini yakhe yokuqala kwiChiefs njengoba esayine ngo-Agasti esuka kwiPetro Luanda yase-Angola.

Kodwa usefike washeshe wenziwa omunye wokaputeni futhi nguyena obegqoka ibhande emidlalweni embalwa edlule.

Nokho uthole ikhadi elibomvu emdlalweni odlule iChiefs ibhabhadiswa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0. 

Indlela abedlala ngayo kabi kungenasidingo, elwisa nonompempe ngaso sonke isinqumo ishiye umuzwa ongemuhle ngaye kuNgubane. 

“Nginomlayezo kule nsizwa engukaputeni weKaizer Chiefs. Lowa mfokazi akumele adelele ibhola laseNingizimu Afrika,” ucashunwe esho kanje uNgubane kwiKickOff. 

“Uzitshela ukuthi uyinto enkulu. Yebo, ungukaputeni futhi uvunyelwe ukubuza unompempe ngezinqumo, kodwa hhayi ngaso sonke isikhathi. 

“Awukwazi ukuphikisana nazo zonke izinqumo. Ikakhulukazi bebhekene neMamelodi Sundowns, unompempe akazange abarobhe. 

“Ukaputeni akaziphathi ngaleya ndlela.” UMiguel wagcia ekhishwe ngekhadi elibomvu kulo mdlalo kulandela ukuthola amabili aphuzi.

UNgubane uthe ukuziphatha kukaMigeul njengokaputeni, kwesuleleka nakwabanye abadlali eqenjini.

“Ngisho nalo mfana omncane, uWandile Duba. Ngimangalile… Udlalise kabi omunye, kodwa wabe esephikisa unompempe kube kunguye odudule omunye umdlali. 

“Unikwe ikhadi ngalesi senzo sakhe kodwa akangakhombisa ukuzisola ngakwenzile. 

“Ngesikhathi abadlali beChiefs belibele wukulwisana nonompempe, kulapho iSundowns ithole ithuba lokungena emgqigqweni womdlalo.”