EzintshaKaizer Chiefs

ISekhukhune isongela iChiefs ‘ngesikweletu’ sikaMaart

Leli qembu laseLimpopo lithi Amakhosi abakweleta imali engu-R536 000 okuyingxenye obekumele iyithole kulandela ukudayiswa komdlali wasesiswini uYusuf Maart kwiSV Ried yase-Austria.

Ngokombiko weSunday World, ngesikhathi iChiefs isayia uMaart kwiSekhukhune ngoJuni ka-2022 kwaba nombangela owafakwa kwinkontileka wokuthi kwabelwane ngemali uma edayiswa. 

IChiefs yamthenga ngo-R6 million lo mdlali ngaleso sikhathi futhi womabili amakilabhu avumelana ukuthi iSekhukhune iyothola u-20% wemali ayodayiswa ngayo. 

Manje kuvela ukuthi iChiefs imdayise kwiRied ngenyanga edlule ngo-R2.6 million — okuyimali encane kakhulu kuno-R15m obikwe kwabezindaba.

Lokho kusho ukuthi iSekhukhune inelungelo lokuthola u-R536 000. Kodwa ngemuva kokuthi izincwadi ezimbili zabammeli bayo zingaphendulwanga, seyixwayise ngokuthi izoludlulisela phambili lolu daba.

Ithimba labammeli beSekhukhune linikeze iChiefs izinsuku ezingu-10 ukuthi ikhokhe.

Liyilkhumbuze ukuthi iFifa iyawajezisa amakilabhu agoloza ukukhokha — okuba yinhlawulo, izexwayiso, noma ukuvinjelwa ukusayina abadlali.

IChiefs ike yabhekana nesijeziso sokuvinjelwa ukusayina abadlali okuyinto eyaba yimbi kakhulu kuleli qembu yaba nomthelela ekutheni ligcine licishe liqeda iminyaka eyishumi lingayazi indebe.

“Uma Amakhosi engahambisani nalokhu, udaba luzobikwa kwiFifa futhi lungase lufakwe naseNkantolo eNkulu yaseGoli,” kucashunwe umthombo usho kanje.

Isikhulu esiphezulu seSekhukhune, uJonas Malatji, wenqabile ukuphawula, ekhala ngokuthi sekuwudaba olusezandleni zomthetho. IChiefs nayo ayitholakalanga ukuthi iphawule.