Ezintsha

USukazi uphawula ngamahlebezi ‘okudayisa’ iTS Galaxy

Le mibiko ithi umphathi weCape Town City uJohn Comitis usefake isicelo sokuthengiselwa isitifiketi seGalaxy uukuze iqembu lakhe lihlale kwiBetway Premiership.

Kodwa uSukazi, obezwakala ediniwe, uthi lokhu “kungudoti nombhedo nje.”

Lokhu kulandela ukuqagela okukhulayo kokuthi uComitis ufuna iqembu azolithenga esigabeni esiphezulu. 

Iqembu likaComitis lidliwe yizembe kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini ka-2024/25 kanti manje selizodlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

I-TS Galaxy ivele njengelinye lamaqembu uComitis asezamile ukuxhumana nawo ngenhloso yokuwathenga.

Kodwa uSukazi ugcizelela ukuthi yize elitholile ucingo lukaComitis ngalokhu, asikho isivumelwano — futhi yinto engeke ize yenzeke nje.

“Amahemuhemu avele ngemuva kwehora uJohn Comitis egithintile ngocingo ebuza ukuthi angakwazi yini ukuthenga iqembu lethu,” kusho uSukazi etshela kwi-@SoccerBeatZA. 

“Ngimtshelile ukuthi i-TS Galaxy FC ayithengiswa, futhi yilapho le ndaba iphelele khona.”

Intshisekelo kaComitis iza njengoba ebheke ukubuyela ngokushesha kwiPremiership kulandela ukudliwa yizembe kweCape Town City.

Kubikwa ukuthi lokhu kwehliswa kweqembu kufake ingcindezi ekusebenzeni kweqembu njengoba lingase lilaxazwe abaxhasi.

Kodwa-ke, uSukazi ukubeke kwacaca ukuthi iGalaxy — ezinze eMpumalanga futhi ekhula ngamandla ebholeni laseNingizimu Afrika — ayidayisi.