
Inkakha yePirates ikhuza ihaba kubalandeli ngo-Ouaddou
UTeboho Moloi, ongomunye wabadlali ababengaconsi kubalandeli be-Orlando Pirates ngesikhathi esadlala, useveze ukumxakayo okwenzeka kuleli qembu.
IPirates ivule isizini ngokujabulisa abalandeli bayo idlala kahle futhi inqoba ngo 2-0 ibhekene nePolokwane City kwiMTN8.
Nokho emidlalweni yeBetway Premiership izinto aziyihambeli neze kahle njengoba ihlulwe kuyo yomibili esayidlalile.
Iqalwe yiSekhukhune United iyishaya ngo 1-0 isekhaya e-Orlando Stadium. Kuthe kusabatshazwa lokho, yathola isibhaxu sika 2-1 kwiMarumo Gallants.
Le miphumela seyitatazelise abalandeli, futhi iningi labo seliqalile ukusola umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ngokuthi uzobaphendula inhlekisa.
Bakubeka kucace ke abanye ukuthi akavele axoshwe kusemanje, engakayicwilisi kakhulu inqanawe abayakhelwe uJose Riveiro.
Nokho uMoloi ubona kuyihaba nje lokho. Yena ubona kufanele anikwe isikhathi u-Ouaddou ukuze awenze kahle umsebenzi wakhe.
“Ukuba ngumlandeli we-Orlando Pirates akuyona into yabantu abanezinhliziyo ezizwela kakhulu,” kusho uMoloi kwabeKickOff.
“Lokhu okwenzeka eqenjini akuyona into entsha. Abalandeli bamanye amaqembu bajabule njengoba kubhimba nje kwi-Orlando Pirates.
“Lokhu kucacisa ngokusobala ukuthi wonke amaqembu ahlezi efuna ukushaya iPirates,” kuqhuba yena.
“Angiqondi ukuthi kungani abalandeli sebetatazela kangaka isizini isaqala. Sitatazeliswa yini vele maBhakhaniya? Kumele sehlise umoya.”
Nokho uMoloi uyavuma ukuthi uma izinto zingajiki emidlalweni emibili noma emithathu ezayo, kuzobe sekuqala ke ukusinda.
FUNDA NALA | KUbatshazwa ubungcweti bukaMcCarthy weChiefs
“Asingavumeli okwenzekayo kusithuse. Mina ngizoqala ukukhathazeka ngemuva kwemidlalo emihlanu.
“Okunye, lokhu okwenzekayo kuzobavusa abadlali abasha. Kusezikhathini ezinzima kanje la kumele ubonise khona ukuthi ukufanele ukuba kwi-Orlando Pirates.
“Lesi yisikhathi esikahle sokuthi abadlali abasha basize ukufukula iPirates kulesi simo ekuso njengamanje.”
